IMOTO: Renault Duster EXPLORE
B AYACHICHIMA yinjabulo kwaRenault South Africa njengoba imoto yabo iDuster sekudayiswe angaphezulu kuka-10 000 selokhu ifikile eNingizimu Afrika ngo-2013.
Ukujabulela lokhu, kwaRenault bathule entsha iDuster Explore ezohamba abakhethekile kwazise angu-100 kuphela azodayiswa.
IDuster Explore isuselwe kuDuster 1.6 Dynamique 4x2 kodwa yona ishuniwe kancane uma uyiqhathanisa nayo.
Umehluko wukuthi inamarimu amasha, ikhamera ekuvezela ingemuva uma uhlehla, ngaphambili ine nudge bar eqoshwe ukuthi Duster nama-wheel arch protector. Okunye ehluke ngakho wukuthi ibhaliwe futhi eceleni ngasesicabheni sangemuva ukuthi Explore.
Le Duster, esesigabeni seB-SUV, ishaya ngenjini yeDuster Dynamique kaphethroli engu-1.6 litre ekhahlela amandla angu-77kw neTorque ka-148Nm. Ngebanga lika-100km isebenzisa amalitha angu-7.6
IDUSTER EYEJWAYELEKILE
Ngesikhathi yethulwa ngonyaka odlule kwaRenault bathi sebedayise angaphezulu kuka-8000.
Into abayigqamisa wukuthi iDynamique eyi-4x2 kadizili isithuthukiswe indlela eyonga ngayo njengoba ngebanga lika-100km isebenzisa amalitha angu-4.8. Phambilini yayisebenzisa amalitha angu-5.5 ngebanga elifanayo.
Izinto abazishintshile ngaphandle uma uyiqhathanisa nendala yi-radiator grille, ama-roof bar, izibuko zangemuva, izihlalo ezintsha futhi ama-sensor akusiza uma upaka asetholakala kuzo zonke izinhlobo.
Isiphuma ne-cruise control kuzo zonke izinhlobo.
Izinjini abazishintshanga ngaphandle kokuthi i-1.5dCi efuqa amandla ka-80kw iDynamique 4x2 isiyonga. Itholakala kwi-Expression 4x2 neDynamique 4x2.
Enye yi-1.5 dCi turbo kadizili etholakala ku-4x2 Dynamique ne-4x4.
IDuster yimoto engenankinga nokuhamba kuyo yonke imigwaqo. Ihamba ngokukhululeka etiyeleni kanjalo nasobhuqwini.
INANI
Duster 1.6 DYNAMIQUE 4x2 (petrol) Limited Edition EXPLORE: R258 900
Uma ufuna izihlalo zesikhumba ukhokha uR10 000 ngaphezulu kuthi uma ufuna i-metallic paint ibe nguR2 500.
Iphuma ne-warranty yeminyaka emihlanu noma ephela ngemuva kokuhamba ibanga eliwu-150 000km, i service plan yeminyaka emithathu noma ephela ngemuva kokuhamba ibanga eliwu-45 000km ne-anti-corrosion warranty yeminyaka eyisithupha.