KNOWLEDGE MUSONA
AKAYIZWA eyokubuyela kwiKaizer Chiefs uKnowledge Musona ogijima kwiKV Oostende yaseBelgium.

Ngesonto eledlule kusabalale izindaba zokuthi uMusona kungenzeka athushuke kwiChiefs uma sekuvulwa iwindi lokudayiselana ngabadlali ngoJanuwari.

Lo mgadli uzakhele igama kwiChiefs ngaphambi kokuyodlala phesheya kwezilwandle. UMike Makaab weProSport International okuyinkampani ephethe izindaba zikaMusona, uyichithile indaba yokubuyela kwalo mgadli kuMakhosi.

“Angazi ukuthi iqhamuka kuphi indaba kaMusona neChiefs. UMusona weneme kwi-Oostende. EBelgium ungomunye wabadlali abanonhlonze. Phezu kwalokho usanda kuvuselela inkontileka yakhe kuleli qembu. Njengamanje uMusona ubheke ukusuka eqenjini lakhe uma ezoya kodlala kwiligi engcono. Iligi yaseNingizimu Afrika ngiyayihlonipha kodwa ngicabanga ukuthi uma engabuyela kuyona kungafana nokuthi uyahlehla. IChiefs ayikaze isho lutho kithina ngoMusona,” kusho uMakaab.

IChiefs ithungatha umgadli ongalibheki ipali. Njengamanje leli qembu libophele abagadli abathathu eqenjini. Libophele uBernard Parker, Gustavo Paez noRyan Moon. Ekuqaleni kwesizini iChiefs ichithe u-Edward Manqele, Siphelele “Shaka Zulu” Mthembu, Michelle Katsvairo noLewis Macha.

Leli qembu selizame inqwaba yabagadli kodwa kungahambi kahle. Amakhosi ake ahlola uJonatan Phillipe wase-Argentina, Okiki Afolaba waseNigeria, uJulien Ebah noChrist Mbondi bobabili abadabuka eCameroon. Bonke laba badlali bahlulekile ukuthola izinkontileka kuMakhosi.

UPaez uzihola phambili ngokuhlohlwa kwamagoli kwiChiefs. Useqhulule amagoli amathathu emidlalweni eyisikhombisa. IChiefs isishaye amagoli ayisishiyangalombili emidlalweni eyisikhombisa yeligi kule sizini. Ngaphambi kokuthi kuvalwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali iChiefs ike yamataniswa nomgadli weMamelodi Sundowns uLeonard Castro.