UMDLALI weSuperSport United uDean Furman nomqeqeshi weBafana Bafana uStuart Baxter bake baba nyamana mbana kubalandeli bebhola baseNingizimu Afrika ngesonto eledlule Isithombe: BACKPAGEPIX
AKAYINGENI eyabamgxeka ngokushaya udaka kwiBafana Bafana ukaputeni weSuperSport United, uDean Furman.

UFurman (29) ugxekwe nxa zonke eNingizimu Afrika ngemuva kokushaya into ephansi ngesikhathi elakuleli libhekene neCape Verde ekuhambeni nasekhaya emidlalweni yokuhlungela ukuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba eseRussia ngonyaka ozayo.

Kowokuqala wadala iphenathi iBafana ibhabhadiswa yiCape Verde ngo 2-1 ePraia kwathi kowesibili, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini waphinde wadlala into engabonakali.

Exoxa neSolezwe ukubeke kwacaca ukuthi uma ungumdlali webhola kumele ukulindele ukuthi uzogxekwa.

“Ebholeni uhlale uzogxekwa. Kuyingxenye yomsebenzi wethu ukugxekwa. Umuntu othize ufuna kudlale umdlali othize kanjalo, kanjalo. Kukhona abantu abangeke bakholelwa kuwena, ngakho uma unenkinga nokugxekwa usemdlalweni ongakufanele. Ngesikhathi sishaya iNigeria ngenyanga edlule emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations, samukelwa njengamaqhawe eNingizimu Afrika.

“Wawungafunga ukuthi sinqobe iNdebe yoMhlaba. Into enhle nemqoka wukuthi ozakwethu nomqeqeshi bayangeseka. Kumele uqine ngokomqondo kulo mdlalo.

"Besifuna ukuvala leli sonto ngenjabulo sinoMorgan Gould, Ronwen Williams, Clayton Daniels noBradley Glober futhi seneme ukuthi sikwazile ukuzuza lokho,” kusho uFurman ekhuluma ngomdlalo weMTN 8 lapho beshaye khona iMaritzburg United ngempelasonto.

IBafana isengcupheni yokuphuthwa yiNdebe yoMhlaba eyagcina ukuzibekisela indawo kuyona ngezithukuthukuza zayo ngo-2002 eJapan/Korea. Ngo-2010 idlale njengosokhaya eMzansi.

“Uma usezinkundleni zokuxhumana usuke uzivulela intuba yokugxekwa. Kuzona futhi izinkundla zokuxhumana uyakwazi ukuzivulela intuba yokunconywa. Umdlalo webhola unjalo, ngumdlalo wemibono. Uma ninqobe imidlalo niba ngamaqhawe uma senishaywa nikhonjwa ngenjumbane. Kumele wamukele lokho osuke ubhekene nakho. Thina kumele sivuke sizithathe. Sisenalo ithuba lokungena kwiNdebe yoMhlaba. Kumele sikholwe wukuthi sisengaya kwiNdebe yoMhlaba,” kusho uFurman.

Njengamanje iBafana inephuzu elilodwa ngemuva kwemidlalo emithathu. Iphuzu ilithole ngesikhathi idlala ngokulingana neBurkina Faso ekuhambeni. Umdlalo weBafana neSenegal owaphela ngo 2-1 kunqoba elakuleli, uzophindwa.

“Angifuni ukuphawula kakhulu ngomdlalo weSenegal. Ngasohlangothini lwethu sikholwa wukuthi umdlalo sawunqoba ngendlela esemthethweni kodwa uma kuthiwa asibuyele enkundleni siyowuphinda ngethemba lokuthi sizophinde sithole umphumela ofanayo,” kusho uFurman.

Le njini yomdlali ifike eMzansi ngo-2015.

“Iyona into engayizela eNingizimu Afrika (esho ukunqoba izicoco). Yinto esabhunga ngayo nesikhulu esiphezulu seqembu uStan Matthews ngaphambi kokuthi ngisayine. Okwamanje sisanqobe izicoco ezimbili zeNedbank Cup. Kuyangijabulisa ukufinyelela komunye umdlalo wamanqamu.

“Sifuna ukwakha isiko lokunqoba ngokuba sibe yiqembu eliphumelelayo. Inhloso yethu wukuphakamisa izicoco. Sifuna ukulwela zonke izicoco eziphambi kwethu, okwamanje kuyethembisa.

"Kula masizini amabili edlule asizange senze kahle kwiMTN 8, siphume ekuseni kabili kulandelana. Lena yakule sizini sikholwa wukuthi sinethuba lokuyinqoba. Umsebenzi awukapheli ngoba kusamele sinqobe umdlalo wamanqamu,” kusho uFurman.

ISuperSport isizakhele igama ngokufinyelela emidlalweni yamanqamu kwazise lo ungowesithathu kulandelana.

Ishaywe yiCape Town City kowamanqamu weTelkom Knockout yabuye yanqoba isicoco seNedbank Cup ngesizini edlule.

“Siyalwelana lapha kwiSuperSport, siyathembana futhi indlela yethu yokudlala siyakholelwa kuyona. Uma kunzima enkundleni yilapho sinyusa khona amasokisi. Sivele sibe nelukuluku lokunqoba nokuphumelela. Njengamanje sikowamanqamu weMTN 8 nakuma-quarterfinal eCaf Confederations Cup,” kusho uFurman.

UFurman uphinde waphumela obala ngenjabulo yokuhlala kukaJeremy Brockie kuMatsatsantsa a Pitori. UBrockie ubefunwa yiMamelodi Sundowns.

“Ngeneme ngokuthi uBrockie ugcine engahambanga. Ngosuku lokuvalwa kwewindi bengisekuhambeni neBafana. Bese ngijahe kabi ukuthi iwindi livalwe ngibone ukuthi uyahlala yini. Siyakwazi angasenzela kona. Uyawashaya amagoli,” kusho uFurman.