AMAZULU FC azoyidlalela eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, imidlalo yawo yasekhaya kule sizini ka-2017/2018.
Lezi zindaba ziqinisekiswe nguQedi Dlamini oyimenenja yoSuthu ngesikhathi exoxa naleli phephandaba. AmaZulu athenge ilungelo leThanda Royal Zulu lokugijima kwi-Absa Premiership. Amabhubesi abe ngompetha beNational First Division (NFD) okuyinto ehlule AmaZulu. Leli qembu lizovula neFree State Stars eMlaza ngo-Agasti 19. “Sikhethe ukuyodlalela eMlaza ngenxa yokuthi sekuvele kunamaqembu amaningi azosebenzisa iPrincess Magogo Stadium, KwaMashu. UThongathi FC nalo luzodlala kuyona le nkundla njengoba neLamontville Golden Arrows isebenzisa yona. Ngakho sibone kungcono kungumqondo omuhle ukuthi siyodlala eKing Zwelithini Stadium ngoba akekho oyisebenzisayo. IMagogo neMoses Mabhida Stadium sibabhalise njengezinkundla zethu zesibili,” kusho uDlamini.
Usuthu bese luyenze inkundla yalo yasekhaya kule minyaka eyedlule iMagogo. Leli qembu limatasa lilungiselela isizini entsha. Ngempelasonto lithelwe othulini yiBloemfontein Celtic emdlalweni wamanqamu wePrince Mangosuthu Legacy Cup ebisoLundi ngempelasonto.
Ngaphambi kwalo mqhudelwano Usuthu luguqise Uthongathi FC kuma-quarterfinal eKZN Premier’s Cup. Namuhla luzodlala neRichards Bay FC emdlalweni wesihle eMhlathuze Sports Complex. Njengamanje Usuthu lukhempe eMtubatuba.
“Inkundla kubalulekile ukuthi ithole isikhathi esanele sokuthi ilungiswe. Asibalekelanga i-Arrows eMagogo kodwa besifuna ukuthi la maqembu amabili esiwashiya khona akwazi ukudlalela enkundleni efanele,” kusho uDlamini.
Usuthu selusayinise uMichael Morton, Boafela Pule, Mhlengi Cele, Ayabulela Konqobe, Sduduzo Dlamini, Siyethemba Mnguni, Sadat Akoriko, Jabulani Ncobeni, noSikhumbuzo Mazibuko. Njengamanje lusahlola uSiphiwe Mtsweni odlala ngakwesokunxele emuva.