UMQEQESHI we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic olulekwa ngokuthi kuzofanele angagabi ngabadlali abalidlisa utshani kuphela
KUBUKEKA esaqhubeka nokuwahlanganisa amathambo umqeqeshi we-Orlando Pirates uMilutin “Micho” Sredojevic ngemuva kokuqoqa amaphuzu agcwele emdlalweni we-Absa Premiership e-Orlando Stadium izolo ebusuku.

Igoli likaBernard Morrison elingene esiwombeni sokuqala yilona elinikeze iPirates amaphuzu amathathu. Isiqoqe amaphuzu ayisikhombisa emidlalweni emithathu.

Yize zisekhona izindawo okumele zilungiswe kodwa amaBhakhaniya ngeke asolwe ngokujabulela indlela iqembu eliqale ngayo ngemuva kwesizini embi edlule, beqeda endaweni ka-11.

UMorrison ubeke iPirates phambili emizuzwini eyisishiyagalolunye kuqale umdlalo ngemuva kwebhola alifakelwe uThamsanqa Gabuza. Lo mdlali odabuka eGhana ubeshaya igoli lakhe lokuqala kweZimnyama kusukela asayina ekuqaleni kwesizini edlule.Ufike izinto zangamvuma ehluleka wukungena esikimini kwazise nalo iqembu beliphikwa yimiphumela.

Njengoba ekwazile ukubonga uMicho ngegoli kungenzeka aqhubeke nokuzitholela indawo eqenjini eliqala imidlalo.

Ngemuva kokuthola igoli iPirates iqhubekile nokuhlasela kodwa awekho amathuba acacile ephinde yawathola kulesi siwombe.

Ngasohlangothini lwezivakashi, i-Ajax ihlulekile wukuthola amabhola abenikeza ubunzima uWayne Sandilands ezintini zeBucs.

Ukuya ekhefini iPirates ihamba phambili kufanele wukuthi kumjabulisile uMicho, kodwa umsebenzi ubungaphelile uma kubhekwa ukuthi emdlalweni odlule yavumela iBaroka yathola igoli lokulinganisa ngemizuzu yokugcina.

Ukuwina yikhona kuphela obekumele kubuse uSredojevic nezakhe uma iPirates izimisele ngokubuyisa ithemba kubalandeli lokuthi iqembu lizobesula izinyembezi ngemuva kwesizini ebhedayo edlule.

Esiwombeni sesibili uGabuza uthole amagoli amabili kodwa womabili awashaye esemhlabeni ongafanele. Kudingeke ukuthi iPirates imince, i-Urban Warriors isilibona kangcono ibhola umdlalo waze wayophela, ngeshwa yahluleka ukuthola igoli lokulinganisa. Ukuhlulwa kusho ukuthi leli qembu laseKapa lisathungatha ukuwina umdlalo walo wokuqala selokhu kuqale isizini. Lishaywe iMaritzburg United, labanjwa iGolden Arrows nakhu seliphindwa ngenduku.

Imiphumela ye-Absa Premiership: Chippa United 1-3 Baroka; Orlando Pirates 1-0 Ajax Cape Town; SuperSport United 2-0 Platinum Stars; AmaZulu FC 1-1 Maritzburg United; Polokwane City 1-2 Bloemfontein Celtic.