BEKUSHUBE kanje ku-Ayanda Patosi weCape Town City emiswe kabi uPhilani Zulu weKaizer Chiefs emdlalweni wala maqembu kwi-Absa Premiership obuseCape Town Stadium izolo ebusuku
IKAIZER Chiefs ingcolise irekhodi lokungehlulwa likaBenni McCarthy ongumqeqeshi weCape Town City ekhale ngaphansi kwezikaSteve Komphela osezoke alale ubuthongo kulandela ukunqoba kwakhe okokuqala kule sizini kowe-Absa Premiership obuseCape Town Stadium, izolo ebusuku.

Ngaphandle kokuphoqeleka uKomphela ukuba asishintshe isikimu ikakhulukazi ezitobheni ngenxa yokulinyalelwa abadlali abamqoka, Amakhosi eze kulo mdlalo esanqobe kanye kuphela kweyishumi yayo yonke imiqhudelwano. Ngaphezulu kwalokhu ubengekho u-Eric Mathoho osesigwebeni samakhadi kodwa kubuye ukaputeni u-Itumeleng Khune.

Bekumqoka kakhulu ukunqoba kuChiefs izolo kwazise ayiyazi iwini kulo nyaka. Bekumele futhi iguqule izinto njengoba iwini ekuhambeni iyigcine ngo-Ephreli lapho ishaye khona iBloemfontein Celtic. Iwini yamaKhosi igcine ukuvela ngomdlalo wokugcina wesizini edlule lapho ishaye khona iBidvest Wits ebisivele isisidlile isicoco seligi.

Obekwenza kubukeke kuwumqansa kakhulu ukuthi iChiefs ingaguqula izinto kulo mdlalo ukuthi bebebhekene noBenni McCarthy oseshayele umkhumbi weCape Town City emidlalweni emihlanu emiqhudelwaneni eyahlukene, wayinqoba yonke.

Ngaphandle kokulimala kukaTeko Modise esiwombeni sokuqala umdlalo uze waqala ukufudumala ngemuva komzuzu ka-25. Ibibonakala nokho iminyakazo kaBhongolethu Jayiya kanti noPhilani Zulu ubemake kahle emuva. Obebonakala okokuqala kuMakhosi uWiseman Meyiwa (17) obethwele kanzima maphakathi nenkundla emiswe kabi uMpho Matsi obengamncengi.

Isiwombe sesibili sibuye ngegoli likaSiphiwe Tshabalala ngemuva kwebhola elihle aligotshelwe uZulu.

Ngemuva kokungena kwaleli goli umdlalo ukhuphukile ngokwezinga kodwa uze waphela lingazange lingene elinye igoli kwazise ubala ukhasha uKhune yize ibihlasela iCity. Inkundla ivalwe nguMeyiwa seliyoshona.

Komunye umdlalo obukhona izolo ngaphansi kwePremiership iLamontville Golden Arrows ishayele ekhaya iWits ngo 2-1.

* Khonamanjalo kuyiwe kolala izolo sekusabalele ezinkundleni zokuxhumana ukuthi uDan Malesela obengumqeqeshi weChippa United ukhonjwe afika ngayo kulandela ukushayelwa ekhaya yiBaroka FC ngo 3-1.