UMANDLA Mdunge, ongukaputeni weReal Madrid edle umhlanganiso kwiVusi Madlala Eastern Tournament, uthathwe nekhansela laKwaMakhutha uNksz Puleng Hlomuka
UMPHAKATHI waKwaMakhutha ufuna ukuveza izinto ezinhle ngaleli lokishi elike laba sematheni eminyakeni edlule ngendaba yokugwazana nokubulalana kwabafana abancane okwaholela ekutheni kuvalwe indawo yobumnandi ebidume ngeleMangaung.

Lokhu kuvezwe yikhansela lendawo, uNkk Puleng Hlomuka, engxoxweni ekhethekile neSolezwe ngesikhathi kunemidlalo ngempelasonto yePhasika eqanjwe ngoMnuz Vusi Madlala oyiqhawe lomzabalazo. Imidlalo ibisenkundleni yemidlalo eMkhumbi.

Kule midlalo bekudlalwa ibhola lezinyawo nelomnqakiswano. IReal Madrid iyona egcine imuke nesicoco.

“Inhloso enkulu yalo mqhudelwano wukuhlanganisa intsha ukuze iphume ezidakamizweni nasophuzweni oludakayo. Sifuna ukuthi uMakhutha waziwe njengendawo ekhiqiza abadlali bemidlalo ehlukene abagijima esigabeni esikhokhelayo. Kulo nyaka lo mqhudelwano ukhule kakhulu ngoba sikwazile ukufaka ezokusubatha ne-netball. Inkinga enkulu esibhekene nayo wukuthi izindawo zokudlala eminye imidlalo asinazo. Yingakho okwamanje sisagxile ebholeni lezinyawo kwabesilisa, i-netball nezokusubatha,” kusho uNkk Hlomuka.

Leli phephandaba labika kakhulu ngezidubedube zokubulalana kwabafana basezigcemeni ezahlukene kuleli lokishi elibalwa namadala KwaZulu-Natal.

“Ngonyaka ozayo sifuna ukufaka ithenisi nebhola lombhoxo. Sijabule ngokuthi kuwona lo mqhudelwano sihehe abanye abadlali abake bayibamba ku-Arrows,” kusho uNkk Hlomuka.

Iqembu elidle umhlanganiso ebholeni lezinyawo likhale lemuka no-R6000 kwathi elilale isibili lahlomula ngo-R3000.

Elidle umhlanganiso kwabesifazane lithole * -R5000, elilale isibili lathola * -R2 500. Kulo mdlalo bekudlala izilomo zabadlali abafana noMandla “Sguruje” Mdunge owazakhela udumo eSweden naseBrazil, Thulasizwe “Mthumashi” Khuzwayo owadla isicoco seMTN 8 neLamontville Golden Arrows ngo-2009, Nzuzo Luthuli oyibamba kuThanda Royal Zulu neRoyal Eagles okungamaqembu adlala kuNational First Division (NFD).

Umphakathi wakule ndawo ubuphume ngobuningi bawo uzothamela le midlalo eqale ngoLwesihlanu yaze yasongwa ngoMsombuluko.

UMnuz Nkosinathi Madlala onguSihlalo we-ANC KwaMakhutha aphinde abe ngumhleli womqhudelwano uphawule kanje: “UMakhutha ubukeka usele ngemuva kwamanye amalokishi. Sihlale phansi egatsheni lethu sabona kungumqondo omuhle ukuthi siqhamuke nemidlalo yalolu hlobo. Siyiqambe ngeqhawe lomzabalazo uVusi Madlala. Siyakholwa wukuthi ezemidlalo zingenza ikusasa lentsha liqhakaze yingakho ngisazoqhubeka nokuxhasa le midlalo.”