UMDLALI wePlatinum Stars uKobamelo Kodisang uphonselwe inselelo yokulandela ezinyathelweni zengwazi yeBafana Bafana uSteven “Schillo” Pienaar.
UKodisang usesikwatini seqembu laseNingizimu Afrika lika-Under 20, Amajita eliyodlala kwiNdebe yoMhlaba eSouth Korea. Liboshelwe eqoqweni elilodwa ne-Italy, Japan ne-Uruguay.
Umqeqeshi weDikwena, uCavin Johnson, utshele abezindaba ngemuva komdlalo wezakhe neMaritzburg United eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ukuthi angabe esabuya eqenjini lakhe uKodisang.
Lo mdlali oyibamba ngasezinhlagothini ubengomunye wabadlali abagqamile ngesikhathi Amajita ezibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba.
“Umyalezo wami kuKodisang ulula kakhulu futhi naye ngimtshelile. Angabe esabuyela eNingizimu Afrika. Uyodlala kwiNdebe yoMhlaba okungumqhudelwano omkhulu kunayo yonke emhlabeni,” kusho uJohnson.
UPienaar aphonselwe inselelo yokuthi alandele ezinyathelweni zakhe nguyena kuphela umdlali oyibamba kwi-English Premier League. Ngaphambi kokuthi adlale e-England uqale ku-Ajax Amsterdam yaseHolland.
Kuleli qembu unqobe izicoco ezimqoka waphinde wadlala ku-Uefa Champions League. Ku-Amsterdam wakhala wemuka nezicoco ezimbili zeligi nezimbili zomkhumulajezi. Ngemuva kwamasizini amathathu egijima ku-Amsterdam wathengwa yizinkunzi zaseGermany, iBorrusia Dortmund.
EGermany akazange ahlale isikhathi eside. Udlulele e-England lapho afike wadlala khona kwi-Everton, Tottenham Hotspur neSunderland akuyona. Ngo-2009/2010 uqokwe njengomdlali ovelele kwi-Everton. KwiBafana Bafana udlale imidlalo engu-61 washaya amagoli amathathu. Ubekhona ngo-2009 elakuleli lidlala kwiFifa Confederations Cup. Nango-2010 kwiNdebe yoMhlaba eNingizimu Afrika akazange asale. Kwelesizwe ugcine esengukaputeni.
“Eminyakeni eyedlule uSteven Pienaar ngamtshela ukuthi akahambe engabe esabuya ngesikhathi ngisamcija eSchool of Excellence. Ngaleso sikhathi wayeneminyaka engu-18. Phela uma wenze kahle kwiNdebe yoMhlaba asuke emancane amathuba okubuya. Laba badlali abancane ngihlale ngibatshela ukuthi bangabuyi emuva kwemiqhudelwano emikhulu,” kusho uJohnson.
NgeSonto ngo-10 ekuseni Amajita azovula neJapan eSuwon World Cup Stadium kowokuqala wamaqoqo.