UFUNA inguyazana nabalandeli umqeqeshi omusha waMaZulu, uCavin Johnson, onengcindezi yokuthi agcine leli qembu kwi-Absa Premiership ekupheleni kwesizini ka-2017/2018.
UJohson uqashwe kuMaZulu ngesonto eledlule emuva kokuthi leli qembu lihlukane noJoey Antipas waseZimbabwe ohluleke wancama ukubuyisela iqembu esigabeni esikhulu ngesizini edlule lidlala kwiNational First Division (NFD). Uzosizwa ngu-Alan Clark osekunesikhathi esebenza naye ebholeni kwazise kade bendawonye kwiPlatinum Stars nakwiSuperSport United, abagcina bexoshiwe kuyona.
UJohnson utshele Isolezwe ukuthi usezinhlelweni zokuhlangana nabalandeli boSuthu.
“Ngifuna ukuhlangana nabalandeli beqembu, ikakhulukazi laba abadala osekunesikhathi bewa bevuka nalo. Ngifuna ukuyiqonda indlela abacabanga ngayo nabakufisayo. Iqembu lizokuhlela lokhu ngaphambi komdlalo wokuqala wesizini. Lokhu akukaze kwenzeke impela kodwa ngifuna sixoxe nabo ngibatshele engikufisayo nesikwenzayo. Ngifuna bazi ukuthi sizimisele ukusebenza kanzima kodwa bazi ukuthi kweminye imidlalo sizohlulwa kodwa eminye sizoyiwina,” kusho uJohnson.
AmaZulu azobhekana neFree State Stars emdlalweni wokuqala wesizini yePremiership eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
“Ngicabanga ukuthi okufanele sikwenze wukuwina okuyikhona okubalulekile. Kodwa sifuna ukubheka futhi ukuthi siwina kanjani, sihlulwa kanjani. Kufanele siwine imidlalo, kufanele uyiwine imidlalo kodwa kuzoya ngokuthi lokhu sikwenza kanjani. Uma ngibuka isiko laMaZulu eminyakeni engu-10 edlule, selokhu aba yiqembu elidlala ibhola elihle. Ngaphezu kwalokho kufanele sizame ukukuhlanganisa lokho siphinde sibuyise bonke abangamaZulu abathanda Usuthu ukuthi babuye enkundleni,” kusho uJohnson.
Usuthu lusaqhubeka nokunxenxa iMamelodi Sundowns mayelana nokubolekwa umgadli uBongi Ntuli. UJohson uthe uzokhuluma naye uNtuli njengendodana yakhe ukuthi azodlala kuMaZulu. UNtuli noJohson kade bendawonye kwiDikwena.