IMENENJA yomdlali weChippa United, uDiamond Thopola, okuvela ukuthi ubheke kwi-Orlando Pirates, ifunga iyagomela ukuthi akekho umdlali wayo ongayifihlela uma kukhona iqembu elimfunayo ngenxa yobudlelwano obuqinile enabo nabadlali bayo.
UThopola, oyibamba emuva kwesokudla kwiChilli Boys, kuvela ukuthi angase ajoyine iPirates esemkhankasweni wokuqinisa isikwati sayo ngenhloso yokubuyisa izinsuku zenjabulo kubalandeli bayo. EZimnyama sezivele zithathe uThamsanqa Sangweni kwiChippa. Ngeledlule kuvele ukuthi iChilli Boys ibuyisele kwiPirates uJustice Chabalala ebimbolekile, yona yathola uMahlatsi Makudubela nonozinti uBrighton Mhlongo. Kuvela nokuthi owayengukaputeni weChippa uJames Okwuosa waseNigeria angase aphindele kuleli qembu likaSiviwe Mpengesi.
Ngempelasonto edlule kusuke umsindo ngesikhathi uMpengesi ememezela ukuthi usesayinise uMhlongo. Imenenja kaMhlongo uMike Makaab ibhoke yakhahlela, yayibiza ngento engekho indaba kaMhlongo neChippa. Nokho lo nozinti ugcine emenyezelwa njengomdlali weChippa. Kugcine ngokuthi uMpengesi axolise ngokuyikhulumela eziko. Kuhlalukile ngoMsombuluko ukuthi izingxoxo bezivele ziqhubeka phakathi kwamaqembu noMhlongo engaziswanga kanjalo noMakaab.
UFrancesco Ferreri we-On The Ball Sports Manegment ophethe izindaba zikaThopola akaziboni ebhekana nokwehlele uMakaab. Uyiphikile indaba kaThopola nePirates wathi akekho umdlali wakhe ongeke amazise uma kukhona iqembu elimfunayo. “Kwesinye isikhathi abezindaba basabalalisa amahlebezi kuze kube sengathi yinto ekhona. Indaba kaThopola yokuthi uya kwiPirates yinzwabethi, ukube yinto ekhona yimina umuntu wokuqala obezokwazi ngoba konke okwenzeka kuyena okuthinta unobhutshuzwayo kudlula esandleni sami. Akekho umuntu wePirates oseke wangithinta ebuza ngoThopola. Ngiyazi ukuthi izinto zibuye zenzeke ngenye indlela ebholeni kodwa ubudlelwano enginabo nabadlali bami bungiqinisa idolo ngokuthi akekho umdlali osemabhukwini ethu ongathula angasho lutho kimina uma kunabakhuluma naye ngasese. UThopola usalelwe wunyaka nohhafu enkontilekeni anayo neChippa. UseThekwini neChippa njengoba ngikhuluma nawe nje. Angiyazi into yePirates ngaphandle kokuyifunda emaphephandabeni.”
UThopola ubekhona izolo eMoses Mabhida Stadium ngesikhathi iChippa idlala owobungani naMaZulu FC, alungiselela isizini ye-Absa PremiershiP emuva kokuthenga isitifiketi seThanda Royal Zulu ekade egijima kwiNational First Division (NFD). Bekungavunyelwe muntu ukuthi azobuka la maqembu ngaphandle kwezikhulu nabadlali bamaqembu womabili.
UMakudubela ubekhona eMabhida kanti kubukeka engene khaxa esitayeleni somqeqeshi uDan Malesela ofuna ukuba nesizini ehlukile. IChili Boys ibuyise noMark Mayambela obekwi-Ajax Cape Town.
Okhulumela iChippa, uLuthando Zibeko uthe: "Ngeke ngikwazi ukuphawula ngenzwabethi. Uma kuvulwe iwindi lokushintshana ngabadlali bayafika abanye bayahamba. Asikwazi ukuhlale siphawula ezintweni ezinjena. Uma kukhona okudinga ukumenyezelwa sizokwenza lokho ezinkundleni ezifanele.”
Imizamo yokuthola isikhulu sePirates, uFloyd Mbele, ayiphumelelanga, besingalubambi ucingo.