Aubrey Ngoma
UFUNWA ngamaqembu aphesheya kwezilwandle umdlali weCape Town City u-Aubrey Ngoma obecathanyelwa yiMamelodi Sundowns njengoba bekuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali.

Lezi zindaba zitshelwe Isolezwe ngusihlalo weqembu uJohn Comitis. UNgoma oyibamba ngakwesokunxele phambili nguyena owakhe amathuba amagoli amaningi kwi-Absa Premiership ngesizini edlule.

“UNgoma uzoya e-United State of America nase-Switzerland ngoDisemba lapho eyozama khona inhlanhla emaqenjini agijima khona. Akakwazanga ukuhamba manje ngenxa yokuthi ubelimele. Njengamanje useluleme futhi useyajima neqembu. Inhloso yethu wukudayisa abadlali phesheya hhayi emaqenjini alapha ekhaya ngoba sifuna ukukhulisa iBafana Bafana,” kusho uComitis.

UNgoma, oke waba semabhukwini e-Orlando Pirates uphoxeke eseseGoli ngosuku lokugcina lokuvalwa kwewindi lokudayiselana ngabadlali.

“Yebo, umdlali wayeseGoli ngosuku lokuvalwa kwewindi. Ngaleso sikhathi sasibanike izinsuku ezintathu zokuthi baphumule. ISundowns yazifaka izicelo ezintathu kodwa zonke azizange zingigculise yingakho ngingazange ngizamukele,” kusho uComitis.

ISundowns yafaka isicelo sokuqala sika-R4,5 million yaphinde yabuya nesika-R5,5 million. UComitis wasichitha okuphoqe ukuthi iSundowns ibuye nesinye. Yabuya nesika-R8 million kodwa ngemuva kwalokho uComitis wavala ucingo, okuyinto ayiphikile.

“Angikaze ngivale ucingo mina. Njengoba ngisho, izicelo zazingeyona le nto engangiyifuna yingakho umfana ngingazange ngimdedele. Umfana akanankinga futhi ujabule eqenjini. Ngike ngahlala naye ezindlini zokushintsha zeqembu,” kusho uComitis.

UMashaba ukwazi ukudlala ngakwesokunxele emuva naphambili, okuyinto ekwazi ukwenziwa nguNgoma.

ICape Town City iyiqale kahle isizini. Isinqobe imidlalo emihlanu ilandelana. Iqumbe phansi iPolokwane City neBidvest Wits kabili kwiMTN 8. Izobhekana neSuperSport United kowamanqamu enkundleni esazomenyezelwa ngosuku olungakashiwo.

Nasemidlalweni ye-Absa Premiership leli qembu liqale kahle. Lithele othulini iWits nePlatinum Stars.

“Seneme ngokuthi iqembu lisethubeni lokuphakamisa esinye isicoco. Yize seneme kodwa umsebenzi awukapheli. Okwamanje akukho engisakuthembise abadlali uma beba ngompetha. Mina ngikholwa wukuthi ukugqoka ijezi leqembu kumele kubagqugquzele ngokwanele ukuthi bangene enkundleni ngenhloso yokuzonqoba.

Okunye okuzokwenzeka sizokubona ngemuva komdlalo. Impumelelo siyilambele lapha kuCape Town City,” kusho uComitis.