UMQEQESHI weChippa United uTebogo Moloi usezwakalise ukuzisola ngakusho beshaywa yiKaizer Chiefs kwiTelkom Knockout ngesonto eledlule Isithombe: BACKPAGEPIX
KUNGENZEKA agcine ephunyukile engxavuleni umqeqeshi weChippa United, uTebogo “Tebza” Moloi, okhulume amazwi akhomba ukuthi iKaizer Chiefs ibanjelwa ngonompempe emuva kokuthi imkhiphe kwiTelkom Knockout ngesonto eledlule.

IChippa iguqiswe ngaMakhosi ngo 1-0 wephenathi kaBernard Parker phambi kwezinkumbi zabalandeli eNelson Mandela Bay Stadium, eBhayi kowama-quarterfinal weTelkom. Emuva komdlalo uMoloi utshele abethelevishini ukuthi indlela abahlulwe ngayo yiChiefs imkhumbuza izinsuku zakudala esadlala kwi-Orlando Pirates behlulwa ngale ndlela.

“Ngeke ngikhononde ngonompempe noma ngokuphathwa kwemidlalo. Ngisakhasa. Ngisemusha kulo mkhakha (wokuqeqesha). Ngakho kimina ukukhononda ngokuphathwa kwemidlalo akulungile. Ngeke ngikhononde. Engizokusho nje wukuthi ngikhumbula ngisadlala ngo-1987 kuya ku-1992 uma sasihlulwa yiKaizer Chiefs, kwakuba kanje,” kusho uMoloi.

“Akukuhle uma ngizohlulwa emidlalweni ngale ndlela ngisafunda. Ngilindele ukuhlulwa yiqembu elizoza kimina, lize ngamaqhinga. Lokho ngiyokwamukela. Kodwa kufanele ngamukele ngoba ngikhule ngazi ukuthi indlela iChiefs engangihlula ngayo iyona lena. Kuyingxenye yomdlalo, siyakhula. Yilokhu engifuna iqembu lami likufunde. Kufanele sigwinye itshe njengoba ngenza nje. Akukho esingakwenza.”

Izolo uMoloi ukhiphe isitatimende ehoxisa inkulumo yakhe ethi: “Ngithanda ukuhoxisa ukuphawula kwami engakwenza emuva komdlalo neKaizer Chiefs emayelana nezinsuku zami ngisadlala (kwi-Orlando Pirates 1987-1982). Isitatimende ngasenza umoya usephezulu.”

Okhulumela iPremier Soccer League (PSL), uLuxolo September, izolo uthe azikho izinyathelo ezizothathelwa uMoloi ngenkulumo yakhe okwamanje.

“Alikho icala engilaziyo okwamanje azobekwa lona. Ngiyazi ukuthi konke kuncike kwiPSL kodwa ngokwazi kwami akukho zinyathelo azothathelwa zona okwamanje. Siyibonile incwadi axolisa ngayo,” kusho uSeptember.