SIYABONGA Nomvethe
UKUBHEKE ngabomvu ukuqopha umlando umgadli waMaZulu, uSiyabonga “Bhele” Nomvethe, ezakhe ezizobhekana neMaritzburg United emdlalweni we-Absa Premiership namuhla ngo-7.30 ebusuku.

Namuhla kulindelwe umdlalo onzima phakathi koSuthu neTeam of Choice King Zwelithini Stadium, eMlaza. UBhele (39) odabuka KwaMashu, eThekwini, ushoda ngegoli elilodwa ukuze abe ngumdlali onamagoli amaningi kunabo bonke emidlalweni yePremier Soccer League (PSL).

Njengamanje uBhele ubambene noDaniel “Mambush” Mudau owayegijima kwiMamelodi Sundowns eminyakeni eyedlule ngamagoli angu-110.

“Ngizimisele ngokwandisa isibalo samagoli kwiPSL. Umsebenzi wami wukushaya amagoli amaningi. Uma ngithola ithuba lokudlala ngizimisele ngokufaka isandla empumelelweni yeqembu ngokushaya amagoli. Ngingajabula uma ngingakwazi ukwephula leli rekhodi. Mina bekuyinto engingayinakile kodwa kungangijabulisa ukulephula,” kusho uNomvethe.

Usuthu lukhuze ibuya kwi-Absa Premiership kule sizini ka-2017/2018. Luthenge ilungelo leThanda Royal Zulu lokugijima esigabeni esikhulu. Emdlalweni wokuqala lushaye iFree State Stars ngo 1-0 eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.

Kowesibili Usuthu luguqiswe yiChippa United ekuhambeni.

“Umdlalo wethu uzoba nzima. Ngeke kube ngumdlalo olula kwazise iMaritzburg iyiqale kahle isizini ngaphambi kokuthi ishaywe yiSuperSport United kwiMTN 8 ngempelasonto. Ngikholwa wukuthi kuzoba ngumdlalo ohlabahlosile futhi abalandeli bazowuthakasela kakhulu. Ikhefu lisinike ithuba elanele lokulungisa amaphutha ethu. Sibheke ukuqhubeka nomgqigqo omuhle ekhaya ngoba kowokuqala sikwazile ukuthola amaphuzu agcwele sibhekene neFree State Stars,” kusho uNomvethe.

Ngesizini edlule uBhele ushaye amagoli angu-17 kwiNational First Division (NFD). Useke wawunqoba umklomelo womdlali oshaye amagoli amaningi kwi-Absa Premiership.

“Angilimele. Emidlalweni emibili yokuqala angidlalanga ngenxa yokuthi bekuyisinqumo somqeqeshi (uCavin Johnson). Angikhathazekile, okwamanje wukulinda elami ithuba bese ngiyalisebenzisa,” kusho uNomvethe.