Thulani Serero. Isithombe: BACKPAGEPIX
UMDLALI wakuleli ozinze ezweni laseNetherlands, uThulani Serero, uthi kungcono ukuhlala kusofa wakhe e-Arnhem kulelizwe kunokushukusha ibhentshi leBafana.

Lo mdlali oyiphilisi esiswini ugxekwe nxa zonke ngokulubhadi eqenjini lesizwe ngesikhathi ebizwe ngumqeqeshi uStuart Baxter ngaphambi komdlalo obubalulekile weBafana Bafana neSenegal. IBafana yagcine idliwe ngo 2-0 kulo mdlalo, nokushabalalisa amathuba okungena kwiNdebe yoMhlaba ezoba seRussia ngonyaka ozayo. 

Ngokwephephandaba lesingisi eliphuma phakathi nesonto eGoli, uSerero utshele abazindaba eNetherlands ukuthi akazisoli ngesinqumo sakhe. 

"Usofa wami e-Arnhem untofontofo kangcono kunebhentshi leNingizimu Afrika. Sekunesikhathi ngicabanga ngalokhu," kusho lo mdlali. 

"Uma iqembu lesizwe lingifuna, kufanele ngidlale. Njengoba isimo sisami kanje, angifuni ukuya khona (ukuzodlalela iBafana). Sizobona lokho ukuthi kuzochaza ukuthini ngendawo yami eqenjini lesizwe. Bengikuqonda ukubaluleka kwemidlalo ebengibizelwe kuyo, kodwa bengingafuni ukuhambela ubala." 

USerero uthe sekukathathu ephoxeka ebizelwe eqenjini lesizwe anganikezwa ithuba lokudlala. Uthe lokho kwehlise ukuzethemba kuyena. Ngenxa yalokho uthi uncamele ukuhlala eqenjini lakhe iVitesse aqhube umgqigqo wakhe. 

Akukhona okokuqala uSerero elaxaza iBafana. 

Ngo-2014, kwaphoqeleka ukuthi ahoxiswe eqenjini lesizwe ngaphambi komdlalo omqoka wokuhlungela ukuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba ebiseBrazil. 

IBafana yayizodlala neBotswana eMoses Mabhida Stadium, eThekwini kodwa uSerero wakhala ngokuthi usaba ukulimala ezithethelela ngokuthi iqembu lakhe linomdlalo omqoka we-Uefa Champions League elalizowudlala neBarcelona yaseSpain.

USerero uphinde washaya iBafana ngesithende ngo-2015 ngesikhathi ilungiselela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ebise-Equatorial Guinea. Lo mdlali ogijima eHolland wafika kuleli ngoDisemba ngo-2014 waziqondela kubo ekubeni iBafana yayisekhempini.

Isolezwe