URENEILWE Letsholonyane weSuperSport United kubhekwe ukuthi thwalise kanzima iCape City abazobhekana nayo emdlalweni wamanqamu weMTN 8 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-7 ebusuku Isithombe: BACKPAGEPIX
INJINI yeSuperSport United, uReneilwe “Yeye” Letsholonyane, ayifuni bayifake emakhanda bengabadlali eyokuthi umqeqeshi wabo u-Eric Tinkler uyayazi iCape Town City abazogijmisana nayo emdlalweni wamanqamu weMTN 8, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.

ULetsholonyane, oshiye kwiChiefs sekuthiwa kuphelile ngaye, ungomunye wabadlali uTinkler azothembela kubona ukuwina indebe yakhe yokuqala kusukela efike kuMatsatsantsa a Pitoli ekuqaleni kwesizini. UTinkler usize iCity iqopha umlando ngokuba yiqembu lokuqala ukuwina indebe ngesizini yokuqala ifikile ku-Absa Premiership, bequkula indebe yeTelkom Knockout.

ICity ihlule yona iSuperSport ngesikhathi iwina le ndebe ngesizini edlule. I-The Citizens isiphekwa nguBenni McCarthy ozodlala kowamanqamu okokuqala kusukela ethathe umsebenzi wokuba ngumqeqeshi ekuqaleni kwesizini ka-2017/2018.

“Siyazi ukuthi kuTinkler sinomqeqeshi olaziyo ibhola futhi usuka kuyona iCity. Kodwa akufanele sikufake emakhanda lokho ukuthi kukhona akwaziyo ngayo. Konke kusezandleni zethu ukwenza umsebenzi ensimini. Kudingeka senze esikwaziyo. Singabadlali bebhola, siyakuthanda esikwenzayo futhi asidingi ukugqugquzelwa ngakho,” kusho uLetsholonyane.

Ngesikhathi egcina ukudlala owamanqamu eThekwini uLetsholonyane, uwine indebe yeNedbank Cup behlula i-Orlando Pirates ngo 4-1 nguJuni. Ngaphambi kwalokho esadlala kwiChiefs, wawina indebe yeMTN8 behlula iMamelodi Sundowns kumaphenathi ngo-2008.

“Ngiyazi ukuthi eThekwini ngiyaziwina izindebe. Ngiyakuqonda ukuthi uma owamanqamu ngiyowudlala khona, makhulu amathuba okuthi ngiyiqukule indebe. Leli yithuba lami lokuwina enye. Uma ngisadlala ngiyohlale ngifuna ukuwina izindebe, ngizinikela ngakho konke enginakho,” kusho uLetsholonyane.

“Ngiyalithanda iTheku ngoba abantu bakhona bathembekile ekuthakaseleni ikhono uma uwumdlali. Kungenza ngithobeke ukuthi noma sengishintshe amaqembu kodwa basangikhombisa uthando njalo uma ngiyodlala khona. Ababheki abadlali ngokuthi badlalela liphi iqembu kodwa babheka ikhono.”

ICity, esiqinise isikwati sayo kakhulu kusukela kuhambe uTinkler, akubuzwa ukuthi izofuna ukuqhubeka lapho igcine khona ngesizini edlule ngokuwina izindebe. Kule sizini i-The Citizens ishaya ngabadlali okukhona kubona u-Ayanda Patosi obedlala phesheya, Victor Obinna waseNigeria noTeko Modise obeyibamba kuSundowns.

“Silindele iCape Town City evuthayo, ezimisele, elambele ukuwina izindebe,” kusho uLetsholonyane.