UMGADLI weKaizer Chiefs uMichelle Katsvairo ufuna ukuzidayisa ngemidlalo yeCosafa Cup eseNingizimu Afrika.
IZimbabwe izobhekana neLesotho kowandulela owamanqamu namuhla ngo-7 ebusuku kulo mqhudelwano oseRoyal Bafokeng, eNorth West.
UKatsvairo ufakwe ohlwini lwabadlali abangekho ezinhlelweni zangesizini ezayo zikaSteve “Mphathi” Komphela.
Leli phephandaba lalivele libikile ukuthi lo mgadli uzobolekiswa. Ngesikhathi iChiefs ikhipha uhla lwabadlali abangekho ezinhlelweni zikaKomphela ikuqinisekisile ukuthi uKatsvairo akasadingeki eNaturena.
Imenenja yakhe uMichael Ngobeni weM-Sport Management utshele Isolezwe ukuthi uKatsvairo uhlose ukuzidayisa emaqenjini akuleli ngeCosafa Cup.
“IChiefs iyona ezoqhamuka namaqembu efuna ukumbolekisa kuwona umgadli ngaphambi kokuthi thina siveze amaqembu amfunayo. Sizobheka ukuthi la maqembu amfunayo imibandela yakhona ithini uma siyiqhathanisa namaqembu aqhamuka neChiefs. Okwamanje asifuni ukuxhamazela. Kulo mqhudelwano ubheke ukwenza kahle ukuze akwazi ukuheha amanye amaqembu lapha eNingizimu Afrika,” kusho Ngobeni.
UKatsvairo ufike kwiChiefs kubhekwe lukhulu kuyena. Kwelakubo ubefaniswa nesikwibhisi uKnowledge Musona. Nokho ugcine ephenduka ukudla kwebhentshi kuMakhosi kwazise uKomphela ubesesebenzisa uBernard Parker noGustavo Paez phambili.
“Sicele ukuthi uKatsvairo abolekiswe ngoba singeneme ngesimo sakhe sokuhlala ebhentshini. Lokhu sekwenze walahlekelwa yindawo eqenjini lesizwe laseZimbabwe elidlala imidlalo yokuhlungela ukuya kwi-Africa Cup of Nations ngo-2019 (eCameroon),” kusho uNgobeni.
* IBafana Bafana ihlule iBotswana ngo 2-0 izolo ebusuku emdlalweni wama-semi final ePlate. Amagoli ashaywe uReyaad Norodien noJudas Moseamedi. Isizodlala kowamanqamu ePlate ngoLwesihlanu.