KWAKUHLE kwethu! kuqhume umkikizo izolo ngesikhathi kwembeswa umlingisi weSibiya uLinda Mtoba, kubo kwaBB eMlaza. ULinda, olingisa indawo ka Zama Ngwenya kwiSibaya ubembeswa yisithandwa sakhe uSteven Meyer.
Lo mlingisi bese kunesikhathi efaka izithombe zakhe noSteven ezinkundleni zokuxhumana, kanti ngoMgqibelo kushabalale amaphupho ezinsizwa eziningi befakana izindandatho, bethembisana umshado.