SESILULIWE isikhathi sokuthi abaculi abafuna ukuqokwa kumaSatma bangenele njengoba bekuzovalwa ngoLwesihlanu olwedlule.
Sekuyoze kube wuJulayi 21 kuvuliwe.
Lokhu kuvele ngesikhathi abahleli bale miklomelo bethula ibhasi ngoLwesihlanu eThekwini elizokuya ezindaweni ezahlukene kukhuthazwa abantu ngemiklomelo yabo.
NgoLwesihlanu belisuka eThekwini libheke e-Eastern Cape.
Okhulumela imiklomelo uSeipati Shange uthe abantu abamnyama banomkhuba wokwenza izinto ngemizuzu yokugcina okuyingakho benqume ukulula isikhathi sokungenela.
“Wonke umuntu uvumelekile kulo nyaka. Amafomu ayatholakala kwi-webiste yethu,” kusho uSeipati.
Emcimbini wokwethula ibhasi bekulindeleke ukuthi kube khona uKhanyi Mbau ogcine engafikanga. USeipati uthe kukhona okumbambile.
Uthe ibhasi uma libuya e-Eastern Cape kuleli sonto lizolibhekisa eBokone Bophirima Province (North West).
“Abaqokiwe bazomenyezelwa ngo-Agasti 12 e-ICC, eThekwini bese kuthi imiklomelo ibe seMabatho Convention Centre eBokone Bophirima Province ngoSepthemba 30,” kusho uSeipati.
Ibhasi lilayisha abagibeli abangu-25, linendawo yeziphuzo, igumbi lokuphumula nendlu yangasese.