UMBUZO:
Sesineminyaka eyisithupha sishadile. Eminyakeni emibili edlule ngakhulelwa amawele kodwa ashona emva kwengozi engaba nayo. Akuphindanga kwahamba kahle phakathi kwami nomyeni wami emva kokushonelwa abantwana bethu. Inkinga wukuthi sekunzima ukuphinda ngikhulelwe. Sesikuzame konke ukuthola abanye abantwana kodwa akwenzekile. Umyeni akaphindanga wafana emva kokulahlekelwa abantwana bethu. Angisazi ngenzenjani.
Sindi, KwaHlabisa
IMPENDULO:
Kuyinto ejwayekile kwabashadile ukuthi kube nokungaboni ngaso linye emva kokushona komntwana. Lokhu kwenziwa wubuhlungu enisuke nidlula kubona. Nidinga ukwelashwa okufanele ukuze nidlule kulesi simo enikusona. Akekho umntwana okumele afike emhlabeni ukuzovala isikhala somunye. Nobabili nidinga ukubonana nodokotela bezengqondo ukuze banisize ukubhekana nokushiywa abantwana benu.
UMBUZO:
Ngiphelelwe wumsebenzi izinyanga eziyisithupha ngenxa yesiteleka emsebenzini. Ngangena ezikweletini ngenxa yokungasebenzi. Igama lami selingene ku-ITC. Angithokozile ngendlela umyeni wami abengiphethe ngayo ngesikhathi ngiphelelwe wumsebenzi. Ubengangisizi ngalutho ukuze ngingangeni ezikweletini. Manje usethi yimina osephutheni. Ngizifake mina kulesi simo ngakho kumele ngizikhiphe mina. Bengingalindele ukuthi umyeni wami kube uyena ongangeseki ngale ndlela.
Thulo, eMkhomazi
IMPENDULO:
Ave ubuhlungu umshado wabantu abangabambisene. Kusobala ukuthi anibambisene nomyeni wakho. Ukulahlekelwa wumsebenzi kumele kumthinte naye ngoba kuthinta imali yenu njengomndeni. Ngabe anikho kule nkinga enikuyona ukuba nabambisana zisuka. Udinga ukuhlala phansi nomyeni wakho umdwebele isithombe senkinga okuyona ngokwezimali, nokuthi angakusiza kanjani. Qalani nikhokhe izikweleti kancane nize niziqede. Uma seziphelile wazise abakwa-ITC ukuze balungise igama lakho. Ayikho into edlula ukubambisana uma nifuna ukwakha ikhaya elinokuthula.
UMBUZO:
Sesishade iminyaka emine nomyeni wami. Ezinyangeni ezintathu ezedlule ngithole ukuthi useyajola. Ngathi uma ngimbuza, wangangiphendula - wagcina engiziba nje. Emasontweni ambalwa adlule wahamba ekhaya ngoLwesihlanu eya emsebenzini waze wabuya ngeSonto. Yila angitshela khona ukuthi usethole umuntu amthandayo, ngakho ucela sihlukanise. Ngakusasa uma ngibuya emsebenzini ngafika eseqoqe konke okungokwakhe, eseshaye wachitha. Ngiphithene umqondo kumanje. Angazi nokuthi ngithatheni ngiyihlanganise nani.
Zama, eMbali
IMPENDULO:
Ukuhlukanisa akuyona into emnandi. Kodwa kubukeka sengathi umyeni wakho useqedile ngalolu daba futhi akukho okusazomshintsha umqondo. Akusona isikhathi sezinyembezi lesi futhi akukho wena okwenzile ukuze umyeni wakho akushiye. Ungabe usachitha isikhathi. Hlanganisa imindeni uyazise ngesinqumo somyeni. Hlanganani nommeli ukuze umenzele kube lula umyeni wakho. Uma sekudlulile konke uzodinga ukubonana nongoti ukuze uthole ukwelapheka emoyeni.
UMBUZO:
Ngingumakoti osemncane ononyaka eshadile. Umyeni wami uhlala esejimini ekuseni nantambama. Uvuka ekuseni aqonde khona, bese ephumela khona uma ebuya emsebenzini. Njalo phakathi nesonto, ubuya esezolala ekhaya. Ngisho ukudla, ukudlela ekamelweni. Akaxoxi. Uphendula lokho ombuza kona. Akanasikhathi somndeni.
Khanya, eHighflats
IMPENDULO:
Kuyinto enhle ukuzivocavoca. Kuyimpilo. Kodwa ake uzame ukukhuluma naye ngokungabi bikho kwakhe ekhaya. Futhi kungakuhle nawe ngezinye izinsuku uke nje uhambe naye uyozivocavoca. Lokhu kuzokhulisa ubudlelwane benu njengezithandani. Hlalani phansi nikhulume ngokubaluleka kokuhlela isikhathi esikhethekile senu.
UMBUZO:
Ngineminyaka engu-27, ngiseyintombi nto. Ngisanda kuthandana nowesilisa engithole ukuthi ushadile emva kokuthandana naye. Ubefihlile, ngaze ngazitholela mina. Ngimthanda ngenhliziyo yami yonke. Sengikulungele ngisho nokumnika ubuntombi bami.
Thembi, KwaMakhutha
IMPENDULO:
Ukuzigcina kwakho kubaluleke kangakanani kuwena? Emva kokuzigcina isikhathi esingaka usufuna ukulahla ubuntombi bakho ngomuntu ongenakusasa naye? Ukuthi uyamthanda akushintshi ukuthi ushadile. Okusemqoka wukuthi usuyazi ukuthi ushadile ngakho phuma kulobu budlelwano ngoba buzokuphula inhliziyo.