UMASKANDA oyilungu leqembu lasogwini oluseningizimu Amabhenanyawo, Ithwasa Lekhansela, uthe ukube kuya ngaye ngabe kuyavalwa ukuthi abaculi banandise ngamaCD.
“Asiyithandi iCD. Ukuba kuya ngami ngabe kudlalwa bukhoma kuphela. Ungathi awuwuhloniphi umsebenzi uma udlala ngeCD. Awucabange nje umuntu uthenga iCD ayidlale endlini kuthi futhi uma esezongibuka angibone ngidlala yona futhi le CD abeyilalele, akukuhle,” kusho Ithwasa Lekhansela.
Ithwasa, lodumo lwengoma ethi Ngamshaya, liyilungu lamaBhenanyawo lapho licula khona noPhuzekhemisi, Mbuzeni, Ichwane Lebhaca, Inyoni Emhlophe, Bahubhe noMkhanyiselwa.
Leli qembu liqale ukubonakala kumaNtshontsho kaMaskandi Awards ngasekuqaleni konyaka.
“Sesisiqashile istudiyo ngoSepthemba ukuze siyoqopha i-albhamu yethu yokuqala. Unyaka usuhambile nokho. Kungenzeka kodwa kushaye uDisemba isikhona ezitolo,” kusho
Ithwasa.
Leli qembu linengoma ethi Akhuphula Umkhomazi Amabhenanyawo. Wonke amalungu alo adlala izigingci.
“Sigqugquzela ukuziqhenya ngesigingci sethu,” kusho Ithwasa.
Uthe okwamanje izinto basazenzela ngoba abanayo inkampani abangaphansi kwayo wathi bafuna ukuthi baqale bahlangane kahle bebodwa ngaphambi kokuthi babe nomphathi ozobatshela ukuthi mabenzeni.
“Sigqugquzela uzwano komaskanda. Mhlawumbe ngokuhamba kwesikhathi kuyoba khona Amabhenanyawo 2, abaculi basogwini oluseningizimu ngoba ngeke sibe wu-10 sicule ingoma eyodwa ngoba iyimizuzu emihlanu ingoma,” kusho Ithwasa.
Uthe uma i-albhamu isihlangene bayobe sebehambela naphesheya kwezilwandle.