USJAVA ongomunye wabaculi abazobe benandisa kuPietermaritzburg Jazz ngoMgqibelo
BAZOBHEMA bakholwe abathandi bomculo baseMgungundlovu kwi-Pietermaritzburg Jazz ekuboshwelwe kuwo izintandokazi zabaculi ngoMgqibelo. 

Lo mcimbi uzoqala ngo-10 ekuseni e-Royal Show Grounds. 

Kuyaqala ukuba lomcimbi ushintshe indawo eyenzelwa kuyo njengoba iminyaka emithathu edlule bewenzelwa e-Golden Horse. 

Omunye wabahleli balomcimbi uMnuz Brian Zuma uthe bajabule kakhulu ngokuba lo mcimbi wenzelwe endaweni entsha. 

“Siyithandile lendawo ngoba ivuleke kahle futhi ifanele umcimbi walolu hlobo. Ama-cooler box azobe evumelekile kodwa amabhodlela, ama-braai stand nama-gazebos akuvumelekile,” kusho uZuma. 

Abaculi abazobe benandisa kwi-Pietermaritzburg Jazz kubalwa i-The Soil,  uSjava,  uZakes Bantwini,   uNaima Key,  uRingo, uNomalanga, nabasakazi beGagasi Fm uSphectacular no-Naves. 

UZuma uthe kumanje amathikithi ahamba ubuthaphuthaphu.
 
“Unyaka wesine kuba nalo mcimbi kulelu dolobha. Abantu abaningi bakhombisa intshisekelo enkulu ngalo mcimbi njengoba amathikithi ehamba ngokushesha,” kusho uZuma.
 
Amathikithi adayiswa aqala ku-R200 eComputickets.