ISANGOMA sezulu sakwaSA Weather Services sithi izulu lizobe lilihle eThekwini kusukela kusasa kuze kube yingeSonto njengoba kuzoba nesiphithiphithi seDurban July.
UWiseman Dlamini uthe amazinga okushisa namhlanje azobe eku-27 degrees kodwa ebusuku kunamathuba angu-30 degrees emvula.
Uthe ngoLwesine ekuseni kunamathuba angu-30 degress bese liyaphenya ngokuqhubeka kosuku. Amazinga okushisa azofinyelela ku-30 degrees. “NgoLwesihlanu lihle alunamvula. Amazinga okushisa angu-25 degrees.”
NgoMgqibelo uthe imvula ngeke ine isifundazwe sonke. “Okwamanje kusavela ukuthi amazinga okushisa azofinyelela ku-23 degress. Ukuthi uMgqibelo usekude, uma kwenzeka ushintsho ngeke lube lukhulu kakhulu,” kuchaza uWiseman othe nangeSonto izulu lizobe lilihle futhi akukho mvula engalindeleka.
Kusukela namhlanje imicimbi ehambisana neDurban July iyaqala kuyoze kulamule iSonto.