ISIZINI yesibili yentandokazi yomdlalo wakuMzansi Magic, iThe Queen, izoshintsha indlela abantu ababuka ngayo abanye abalingisa kuyona ngokusho kombhali omusha walo mdlalo uSihle Mthembu.
Isizini yesibili iqale ekupheleni kwenyanga njengoba lo mdlalo usukhonjiswa izinsuku ezinhlanu ngesonto ngo-9 ebusuku.
USihle (25), odabuka eMooi River, ujoyine lo mdlalo ekuqaleni kwesizini yesibili.
“Ithimba elisebenza kwiThe Queen liyamangalisa futhi ngiyabonga kuPhathu Makwarela (omunye wabadidiyeli) ngokunginikeza ithuba. Izindaba esizogxila kuzo kule sizini zithinta abantu ngqo futhi zizokwenza abantu bashintshe indlela abacabanga ngayo ngabanye abalingisi. Abanye abantu okungenzeka ukuthi ubungabathandi uzoqala ukubathanda kanjalo nabantu obubathanda ungagcina ungabathandi,” kusho uSihle.
USihle uthe wabhala umdlalo wawuthumela kubantu abahlukene ababemncoma. Wathumela nakuPhathu okwathi ngemuva kwamasonto ambalwa wabhala kuTwitter ukuthi usemkhohliwe.
“Wangithumelela into yokungihlola ukuthi ngiyibhale. Ngenza kahle, manje sengila.”
Le nsizwa yenze izifundo zobuntatheli eDurban University of Technology. Ike yasebenza ephephandabeni elisesitebeleni esisodwa neSolezwe, i-Independent on Saturday.
Sihle Mthembu
“Ngazi ngifunda uGrade 5 ngemuva kokuthi uthisha wami wesiNgisi esifundele uTom Sawyer ukuthi ngifuna ukuba wumbhali.”
Uthe waqala ngokubhala imidlalo emifishane ayeyinikeza othisha ukuthi bamfundele. Esefika enyuvesi ngo-2009 waba nothando lwamafilimu.
Usebhale amafilimu amabili. Kukhona ethi F is for Father ezokhonjiswa embukisweni i-International Images Film Festival for Women eZimbabwe ekupheleni kwenyanga.
Uthe kukhona amanye amabili awahlanganisayo okukhona nekhuluma ngomculi waKwaZulu-Natal. Ngonyaka ozayo uzokhipha nencwadi ayibhalayo.
“Ngihlela futhi nokubhala iqophamlando nefilimu engicabanga ukuthi kuzophela ngonyaka ozayo. Ngifaka nezicelo zezinhlelo ezine eziteshini ezehlukene zethelevishini engithemba ukuthi bazozithatha bese siyaqhubeka.