Felix Hlophe
UCISHE wafela emoyeni umsakazi weGagasi FM, uFelix Hlophe, oshaywe yinhliziyo esasakaza.

UFelix ubethula uhlelo lwakhe iMidday Shandis ngokubambisana noDJ Le Soul ngesikhathi kwenzeka lokhu. Uhlelo lwabo lungena ngo-12 kuya ku-3 emini phakathi nesonto.

Kuphoqeleke ukuthi uLe Soul noFlaimotion baqhubeke nohlelo. 
Kuthiwa uqale wabamba isifubo wabe eseshayeka phansi ekhala ngezinhlungu.

Ngaleso sikhathi kuthiwa ozakwabo bese bethukile ngoba ubengasanyakazi.

Ethintwa izolo ntambama uFelix, ophinde abe ngusomahlaya, uthe usengconywana futhi usephumile esibhedlela.

"Kumele ngishintshe indlela engiphila ngayo. Ngizoyeka utshwala nokudla okunamafutha ngoba abephezulu kakhulu (high cholesterol)," kusho uFelix.
ngoMsombuluko ntambama uthe usephumile esibhedlela uselulamela ekhaya. 
"Ithimba lami belithukile. Bekukubi, ngicishe ngafa. Ngicabanga ukuthi ngeke ngibe emoyeni izinsuku ezine," kusho yena.

Okhulumela iGagasi FM, uKhulekani Shandu, uthe ibethusile indaba kaFelix.

"Umbiko esiwuthole kozakwabo wukuthi uquleke ngehora lokugcina lohlelo. Ozakwethu abanye bamthathile bamphuthumisa esibhedlela," kusho uShandu.

Uthe ngeke akwazi ukuqinisekisa ukuthi uzozwakala yini emoyeni ngoba basalinde umbiko kadokotela.
"Usitshele ukuthi basamhlola. Njengesiteshi simfisela ukululama okusheshayo," kusho uShandu.