IGCOKAMA Elisha lihoxiswe emcimbini iNkandla May ngenxa yokubhoka komphakathi
ISILOMO sikamaskandi, uMthandeni ‘Igcokama Elisha’ Manqele sesishaywe ngesithende emcimbini wokutelebhela kwamahhashi, iNkandla May oseDengwane, eNkandla ngoMeyi 27 ngemuva kokuthukuthela komphakathi wakule ndawo.

Ukuhoxiswa kweGcokama kuqinisekiswe ngokhulumela uMasipala waseNkandla, uMnuz Mgcobeni Khanyile. Uthe bathathe lesi sinqumo ngoba becabangela ukuphepha kwalo mculi.

“Sithole ukuthi kunenqwaba yabantu baseNkandla abavungamayo ngokufakwa kweGcokama kulo mcimbi ekubeni kunezigameko eziningi ezingezinhle elithinteka kuzo,” kusho uKhanyile. Uthe kunamakhosi endawo abengeneme ngokuza kwakhe kule ndawo njengoba engahoshelani nomculi wakhona.

UKhanyile uthe bathole ngandlebenye ukuthi kunamalungu omphakathi abehlela ukubhikishela lo mculi uma esenandisa emcimbini ngenxa yokungazwani kwakhe noKhuzani wakule ndawo.

“Sizama ukugwema uthuthuva obeluzosuka futhi asifuni lo mculi alimale.”

Ecacisa ngokungafakwa kukaKhuzani, uKhanyile uthe bebefuna abe yingxenye yalo mcimbi kodwa kwatholakala ukuthi uyobe esemcimbini wamaSouth African Music Awards (Sama) eNorth West ngalolu suku.

“Nabalandeli bakhe bebevutha bezitshela ukuthi asimqashanga ngamabomu kanti akunjalo. Yingakho nabo bebekhala ngokushiywa kweqhawe labo kufakwe iGcokama.”

Kuthiwa okunye okucike abantu wukushaywa kwentatheli edabuka eNkandla uMthobisi Sithole eyashaywa enkonzweni yomngcwabo womlandeli kamaskandi, owawuseVuna, KwaNongoma emasontweni adlule.

Imizamo yokuthola enye yamakhosi akule ndawo nalo mculi ayiphumelelanga ngenxa yokuthi izingcingo zabo bezivaliwe.

Ongumphathi weGcokama uVusi Leeuw uthe akukho angakuphawula ngoba ubengazi ngalesi sinqumo sikamasipala futhi kuyilungelo lomhleli womcimbi ukuthi ufaka bani nokuthi ukhipha bani kwabazonandisa.