UMANGAZE abaningi umlaleli weGagasi FM ethembisa intombi yakhe yezinyanga ezintathu umshado etendeni lalo msakazo iRed Star emcimbini weVodacom Durban July ngoMgqibelo.
UMnuz Msizi Mnyandu waseMgungundlovu ukwenze lokhu ngemuva kokunikwa ithuba lokugibela esiteji ngumphathi wohlelo obekungumlingisi woZalo uNtokozo Dlamini odlala indawo kaMastermind.
UCHAZE izihlwele uMnuz Msizi Mnyandu ecela isinqandamathe sakhe uNksz Thandi Hughes ukuthi simgane ngesikhathi besetendeni leGagasi FMIsithombe: THOKOZANI NDLOVU
Ungene esiteji ephelezelwa yintombi yakhe uNksz Thandi Hughes waseShowe kanti uzomjikela sebesesteji waguqa ngedolo emthembisa umshado.
UNksz Hughes obengalindele uvele wahluleka ukuzibamba wahlengezela izinyembezi ngaphambi kokuvumela phezulu.
Ekhuluma neSolezwe uMsizi uthe into abevele eyihlelile nabahleli bomcimbi ekuqaleni kwesonto.
“Ngathumela umqhafazo ngibazisa ukuthi mina nesithandwa sami sizobe sisetendeni labo. Ngibacela ukuthi banginike ithuba lokuthi ngithembise isithandwa sami umshado kubuka izwe lonke. Benginalo uvalo kodwa ngenxa yokugajwa wuthando ngivele ngaqina isibindi. Sinezinyanga ezintathu sithandana kodwa sengibonile ukuthi nguyena engifisa ukuphila impilo yami yonke naye,” kusho uMnuz Mnyandu.
UNksz Hughes obesamangele uthe usadideke ngokumehlele.
“Bengizitshela ukuthi ngizongcebeleka nesithandwa sami kanti singifihlele induku emqubeni. Ngijabule ngendlela eyisimanga,” kusho uNksz Hughes.
Umculi we-Afro Soul waseSwazini uSandziso “Sands” Mathebulo wengoma ethi Tigi uchaze izihlwele ngezingoma zakhe zothando.