USEZE wakhipha ingoma ethi yena uTipcee osezakhele udumo ngokucula ezingomeni zabanye ezishisa izikhotha Isithombe: SITHUNYELWE
IYAMETHUSA indlela umculo wakhe othakaselwa ngayo uThobeka “Tipcee” Ndaba oseneminyaka eyibambile emculweni kodwa osanda kugqama.

UTipcee (29) odabuka eMlaza usanda kukhipha ingoma yakhe yokuqala ezimele, ethi Iscathulo, apike kuyo uBusiswa, DJ Tira neDistruction Boyz.

Upikwe ezingomeni ezithokozelwa ngabantu okuyiMadness yeDistruction Boyz, Malume kaTira nethi Amadada kaDJ Gukwa.

“Ukubekezela nokuzimisela engingathi kungibeke lapha engikhona. Nami angazi kwenze njani ngagqama manje, mhlawumbe ingoba uNkulunkulu usabheke ngakimi. Nami ngiyathuka,” kusho uTipcee.

Uthe uye angene estudiyo alalele isigubhu, bese kuqhamuka amavesi awaculayo.

Lo mculi uke waba yilungu leqembu elahlakazeka ngo-2011, iChaos.

Uthe kunenqwaba yabafuna ukusebenza naye manje kodwa akanaso isikhathi ngoba usafuna ukuphusha ingoma yakhe.

“Abangixolele. Ngisamile. Ngisafuna ukugxila engomeni yami nakwezinye engipikwe kuzo,” kusho uTipcee.

Uveze ukuthi ngonyaka ozayo uhlela ukukhipha i-albhamu yakhe yokuqala.

Kukhona abaqhathanisa uTipcee noBabes Wodumo njengoba bobabili beshaya igqom’ futhi uma benandisa beshaya imidanso eyahlukene.

“Abangangiqhathanisi. Ngimdala emculweni. Yikho ukuthi uBabes wagqama kuqala kunami. Asifani. Iphimbo lami lihlukile. Konke okwami kuhlukile,” kuchaza yena.

Ubonge uTira nomsizi wakhe uSenzo Shezi ngokumfukula ngokomculo.

‘Ngibonga noGukwa noCostah. Ngemuva kweChaos umuntu uke wacabanga ukubuyela esikoleni noma ayofesa ngoba kungahambi kahle kodwa manje kuyakhanya.”