UXOSHISWE okwenja enethile ingena endlini umculi kamaskandi emcimbini iMpucuzeko Maskandi Festival obuseMoses Mabhida ePeoples Park Stadium emasontweni edlule.
Ngokuthola kweSolezwe ngeSonto uDlubheke uthenge amathikithi amabili ka-R1 000 ezicukuthwane, kodwa waxoshwa nawo ewaphethe. Kuthiwa utshelwe emehlweni ukuthi ‘ayigubhe’ akamukelekile emcimbini.
Kwenzeka lokhu nje ubevele esephoxekile ngokungaqashwa kulo mcimbi abezitshela ukuthi uzonandisa kuwona. Inkinga kuthiwa iqale ngesikhathi ezama ukusondela ngasesiteji sekudlala uKhangelani “DSD” Mhlongo woSaziwayo. Yize ebengenanhloso yokugibela esteji, kuthiwa uxhakathiswe ngonogada abebethathe umyalelo kubahleli bomcimbi ukuthi bamxoshe.
Ephawula ngokuxoshwa kwakhe uDlubheke uthe: “Ngixoshiswe okwesibotho kwathiwa angiphume ngiphele. Onogada baqale bakhuluma noMcineka (uXolani ongumhleli womcimbi). Basuke kuye beza kimi befuthelana, bangixhakathisa bangixosha. Ngibuzile ukuthi inkinga ikuphi ngoba nginamathikithi njengabo bonke abantu, bangitshela ukuthi angidingeki."
Uthe ngokuxoshwa kwakhe kumcacele ukuthi uMcineka unenkinga naye. UDlubheke uthe wacela kuMcineka ukunandisa kwiMpucuzeko kodwa wakhala ngokuthi akanayo imali yokumkhokhela. Uthe osomatekisi abangabalandeli bakhe bahlanganise imali ayezokhokhelwa yona yokunandisa. Uthe umazisile uMcineka ukuthi akadingi ukukhokhelwa ngoba osomatekisi bazomnika imali, kodwa wangavuma.
Uthe ubehalela ukunandisa kwiMpucuzeko ukuze athole ithuba lokwethula i-albhamu yakhe entsha ethi Bazonda Imbuka. Uthe usola ukuthi iyona le embangele amazinyo abushelelezi ngoba kunengoma aveza kuyo amaqiniso ngomunye umaskanda obeqashwe kulo mcimbi.
Ethintwa uMcineka uthe akanalwazi ngomculi owaxoshwa emcimbini. “Bonke abaculi ababeqashiwe babaziwa kodwa lo okhuluma ngaye wayengekho ohlwini lwalo nyaka. Angisibonanga isigameko sokuvinjwa kwakhe. Ngendlela ezaziqine ngayo ezokuphepha akekho owayevunyelwe ukusondela ngaphandle kwemvumo. Siyazi bonke abaculi bafisa ukuqashwa kulo mcimbi, kodwa ngeke sikwazi ukubaqasha bonke."