USUPHINDE washiywa ngomunye umlingisi umdlalo owuchungechunge wakuMzansi Magic, Isibaya, njengoba kuzophela inyanga ezoqala engasabonakali u-Andile Gumbi.
U-Andile udlala indawo kaZwelibanzi Ngubane kulo mdlalo okhonjiswa ngo-8.30 ebusuku phakathi nesonto.
Ushiya nje, kusanda kuvela ukuthi uCeleste Ntuli odlala indawo kaSiphokazi Zungu usazoke athi ukugxila ekuqhululeni amahlaya. UJessica Nkosi onguQondi naye usagxile ezintweni zakhe njengoba ngempelasonto ubelingisa emdlalweni weshashalazi iMaria. Ubedlala indawo kanina kaJesu, uMaria.
Umthombo weSolezwe utshele leli phephandaba ukuthi u-Andile useshiya ingunaphakade kulokhu ngoba phambilini uke wanyamalala waphinde wabuya.
Okhulumela iM-Net, uNondumiso Mabece, ukuqinise-kisile ukuthi u-Andile uyahamba.
“Kunefilimu ayoyiqopha. Simfisela impumelelo emsebenzini wakhe futhi siyabonga ngegalelo lakhe kwiSibaya ngesikhathi edlala indawo kaZweli,” kusho uNondumiso.
Uthe abantu abaqhubeke nokubuka Isibaya ukubona ukuthi uhamba kanjani.
Umthombo uthe uSihle (Zinhle Mabena) noNgwebedla (Enerst Ndlovu) yibo abakha itulo lokubulala uZweli.
“UZweli kumele kube khona lapho eya khona bese uma ethi uyaphuma uSihle afonele uNgwebedla amtshele ukuthi useyahamba. Akucaci ukuthi kwenzakalani kodwa ushona engozini yemoto,” kusho umthombo.
Imizamo yokuthola u-Andile ayiphumelelanga njengoba kuthiwa ungumuntu ohlale eshintsha izinombolo zocingo.