FANELESIBONGE BENGU
I QINISO elimsulwa lithi kule minyaka emihlanu edlule umculo ohamba phambili kuleli ngowe-hip hop.
Lokhu kufakazelwa wukuthi abaculi balolu hlobo lomculo bahlale besematheni ezinkundleni zokuxhumana, yikwabezinda futhi nomculo wabo uyadayisa.
UCassper Nyovest waveza ukuthi i-albhamu yakhe yakamuva iRefiloe ishaye iplatinum okuyinto efanayo nakwimbangi yakhe u-AKA yena owashaya igold ngeLevels. Ngokwabacwaningi bokudlalwa kwezingoma emsakazweni, i-Entertainment Monitoring Africa, ingoma edlalwa kakhulu kulezi zinsuku yiNgud’ kaKwesta apike kuyo uCassper Nyovest.
Emiklomelweni abaculi be-hip hop yibona abawina izindondo ezithathwa njengezinkulu kanti kumaSouth African Music Awards azoba ngempelasonto eThekwini u-AKA unezingoma ezimbili emunxeni omkhulu we-Amstel Record of the Year.
Kuyajabulisa ukubona ukuthi i-5FM iyakubona ukuthi i-hip hop yiwona mculo othandwayo kuleli futhi mihla namalanga kuvela omrepha abasha njengoNasty C ovutha engabaselwe.
Uhlelo lwe-hip hop ku-5FM lulodwa, ngolukaMs Cosmo kuphela ngeSonto, iThe Stir Up. Ngonyaka odlule lolu hlelo belungena ngo-10 ebusuku kuya ku-1 ezintatha kodwa kuyajabulisa ukubona ukuthi lokho sebekushintshile. Njengamanje selungena ngo-7 ebusuku ngalo iSonto.
Eminyakeni edlule ngesikhathi uVukile Zondi, osephethe iGagasi FM, eku-5FM, waqhamuka nezinhlelo ezazibizwa ngamaPower Nights.
Njalo ebusuku phakathi nesonto kwakuba nezinhlelo ezigxile kuhlobo oluthize lomculo. NgoMsombuluko kwakungena uC-Live ne-hip hop kodwa kwathi kuhamba uVukile sekwenziwa izinguquko kwaphela ngePower Nights.
UVukile into efana nePower Nights wafika nayo kuGagasi kodwa yabizwa ngeGagasi Music Sessions.
Yize lokhu kuyinto enhle ukusondezwa kohlelo lukaMs Cosmo kodwa kuyinselelo kuye ngoba uncintisana nethelevishini.
Kuyaziwa ukuthi izinhlelo zethelevishini ikakhulukazi kuMzansi Magic ngeSonto zisuke zimnandi ngendlela exakile lokhu okuphoqa ukuthi uMs Cosmo aqhamuke nezinto ezizoheha abalaleli.
Sengimzwile emasontweni edlule ukuthi uvele alande abaculi noma oDJ be hip hop abadumile okuyinto enhle leyo.
Kulula futhi ukuthi abathole ngoba unguDJ wasemakilabhini ujwayele ukuhlangana nabo.
NgeSonto nje ubeno-eMtee, Miss Pru onengoma eshisa izikhotha kulezi zinsuku ethi Ameni, Fratenity nabanye.
Okuhle futhi wukuthi abaculi abasaqala nabo bayanikezwa ithuba ngoba kuhlale kungena izingoma ezintsha ku-top 5 yakhona.
Sengigcina nje ngithi ngiyabonga kubaphathi be-5FM ngokubona ukuthi ihip hop ifikile nabo base bekwamukela lokho basondeza uhlelo lukaMs Cosmo.
Ungangibhalela ku: [email protected], ku-Twitter @fanelebengu noma ku- Instagram @fanelebengu.