IBANJWE ngumuntu waseMnambithi iPowerBall PLUS yezigidi zamarandi ebilokhu iphunyuka ingabanjwa wumuntu. 
Ithuba, okuyinkampani eyengamele iLotto kuleli, ithe ithikithi eliwine izolo uR58,740,409.21 lithengwe eDe Francas Spar, eMnambithi. 
Owinile udlale i-quick pick kaR30. 
Onqobile kuthiwa ubengaveli ukuzothola umhlomulo wakhe. NgoJanuwari khona eMnambithi kukhona owanqoba iPowerBall PLUS kaR14,111,886.
Ithuba ligqugquzele abantu ukuthi babheke amathikithi abo futhi bavakashele amahhovisi abo ezifunda noma izitolo beyobheka amathikithi. Bonke abanqobile banezinsuku ezingu-365 zokuthi balande umhlomulo wabo.