FANELESIBONGE BENGU
N GELEDLULE sibike ngezibalo zokulalelwa kwemisakazo ezikhishwe abeBroadcast Research Council of South Africa (BRC), ezikhombise ukuthi ukulalelwa kweVuma FM kwehlile.
Izibalo zocwaningo lwaphakathi kukaJulayi noDisemba wonyaka odlule, zikhomba ukuthi iVuma isilalelwa ngabantu abangu-255 000.
Ezibalweni zaphambilini kwavela ukuthi inabalaleli abangu-385 000, lokhu okusho ukuthi ilahlekelwe ngabalaleli abangu-130 000.
Umphathi weziteshi ezingaphansi kweTMG, iVuma engaphansi kwayo, uTony Mallam, uthe yize kuyinto ababengayilindele kodwa akusiyona into engabathusa kodwa bazolinda izibalo ezizayo ukuthi zona zithini.
Uphinde waveza ukuthi bathungatha umphathi-siteshi nomphathi wezinhlelo.
Umphathi okhona njengamanje nguFerdinand Mabalane, ongahlali KwaZulu-Natal, obekunguye futhi owengamele nezinhlelo.
Ngicabanga ukuthi ukwehla ngalolu hlobo kwezibalo kukhomba ukuthi kukhona inkinga ekhona.
U-130 000 akusibona neze abantu abancane ngoba kukhona iziteshi ezingenaso leso sibalo sabantu.
Ngiyakholwa nokho ukuthi ukuba khona kwabaphathi abaseduze kuzosisiza isiteshi ukuthi sibone lapho inkinga ikhona, isheshe ilungiswe.
Sengathi uma sekuqashwa kungafakwa, hhayi kuphela abantu abazi ezokusakaza, kodwa abantu ababaqonda kangcono abantu baseKZN, abaziyo ukuthi ezinye iziteshi zenzani futhi kube ngabantu abayilalelayo iVuma.
Lokho kuzosiza ekutheni bafike sebenakho ukuqonda ukuthi kwenzekani esiteshini futhi bangachithi sikhathi basebenzise amaqhinga abo ekutheni ithuthuke iye phambili, mhlawumbe kuze kufezeke iphupho lomphathi wokuqala uPhindi Gule, owathi ufuna babe nabalaleli abangu-1 million ngemuva konyaka.
Kodwa-ke ngaphandle kokuqinisa kubaphathi, ngicabanga ukuthi kumele kuqiniswe nasophikweni lezokumaketha, iVuma igcwale yonke indawo.
Ingesinye seziteshi ezikhohlekayo kodwa uma ingaqinisa ekutheni ixhase imicimbi eyehlukene, ezinxanxatheleni zezitolo nabasakazi bakhona sibabone ezinkundleni zokuxhumana beliqhakambisa igama lesiteshi, kungalunga.
Ngifisa ukubongela iziteshi ezenza kahle ngokwezibalo okunguKhozi FM, Metro FM, Umhlobo Wenene nezinye.
Kwezomphakathi ngibongela kakhulu Izwi Lomzansi, elizihola phambili eKZN ngabalaleli abangu-198 000, kulandele ngemuva Inanda FM nabalaleli abangu-135 000, engicabanga ukuthi ingesinye seziteshi zomphakathi esisezingeni eliphezulu ngenxa yokuzwakala kamnandi kwayo.
Uma uyilalele ngeke uzwe ukuthi yisiteshi somphakathi uma bengakasho, kodwa kwezinye iziteshi uzwa abasakazi bekhuluma sengathi basekopini.
Kodwa isiteshi engisibongela kakhulu yiMbokodo FM, enabalaleli abangu-119 000.
Eminyakeni edlule ike yaphazamiseka ingekho emoyeni ngenxa yezinkinga ezahlukene, yabuya kwaphinde kwathiwa imishini yayo ishaywe yizulu kodwa manje ibukeka yenza kahle kakhulu futhi nabantu bayayithanda.
Sengathi ingaqhubeka nokuyibamba kanje ingabe isaphazamiseka.
Ungangibhalela ku: [email protected], ku-Twitter @fanelebengu noma ku- Instagram @fanelebengu