ZANELE MTHETHWA
I SIZOPHUMELA emphakathini ingosi ‘Ikusasa Ngelami’ ephuma kwi Solezwe ngeSonto, egxile ekuxazululeni izinkinga zentsha.
Le ngosi ebhalwa nguNkk Zonke Shazi-Hlongwane izobe iqala ukuphumela emphakathini ngoJuni 25 eCity Church International eMgungundlovu.
UNkk Shazi-Hlongwane, okuwunyaka wesibili ebhala le ngosi, uthe akakholwanga indlela ewuthinta ngayo umphakathi. Uthe lokhu kumenze wavuleka amehlo ngezinselelo ezibhekene nentsha emphakathini.
“Abantu bayaphawula kakhulu ngezihloko engibhala ngazo ezisuke zijwayelekile kodwa ngisebenzise neminye imizekelo ngezimo zabantu esengikhulume nabo.
Ngithole kakhulu ukuphawula kubantu emuva kwesihloko sokuzibulala nokuba nengcindezi entsheni. Ngibone kunesidingo sokuya emphakathini lapho sizokwazi ukuxoxa kahle eduze nentsha. Asizokhuluma nentsha kuphela kodwa nabazali ngoba sihlose ukwenza ubudlelwano emndenini,” kuchaza yena.
Uthe ngaphambi kokuqala umkhankaso wokuqwashisa intsha ngaphansi kohlelo ‘Ikusasa Ngelami,’ waqala eluleka intsha njengomphathi wayo e-African Congregational Church. Ukusondelana nentsha kwezikamoya kwamenza wabona ukuthi ziningi ezinye izinselelo ezidinga okungaphezu komthandazo.
“Izingane bezigcina zingibikela izinkinga ezijulile nami ngihluleke ukumelana nazo. Bengithi sizothandaza ukulwa nezinkinga kodwa ngabona ukuthi kudingeka okungaphezu kwalokho. Bengizama ngokungamandla ami ukubeluleka ngiqinisekise nokuthi indaba yabo izogcina kimina. Lokhu kwangenza ngafisa ukufunda kabanzi ngokuxazulula izinkinga. Ngagcina sengenza ucwaningo ngezihloko ezithinta intsha, kwesinye isikhathi ngibuze kwabadlule kuzona,” kusho yena.
Yize ebevele enothando lwentsha, uthi ukuthola izinselelo ezibhekene nayo kwamenza wafuna ukulekelela kakhulu. Ubelalela uCriselda Dudumashe weMetro FM noSakina Kamwendo weSA FM bekhuluma ngezihloko ezithinta intsha. Ubengaphuthwa yizinhlelo zabo, abhale namaphuzu acabanga ukuthi angasiza abanye abasha emabandleni, wafunda nezincwadi zeSociology.
UNkk Shazi-Hlongwane namanje osangumholi wentsha e-Apostolic Faih Mission, uthi akafunanga ukuvalela ngaphandle intsha engasonti okuyingakho eqale uhlelo lokuhambela imiphakathi.
Ngo-2014 ubhalisele izifundo zeChild and Youth Development eDUT. Uthi akayena usonhlakalakle kodwa lezi zifundo zimcije ngokwanele ukubhekana nezinkinga zezingane nentsha.
“Ngifisa ukuvula isikhungo sentsha ngiqeqeshe abaholi bamabandla nabafundisa ezinkulisa. Kubalulekile ukuthuthukisa ingane ngokomqondo ukuze ikwazi ukumelana nomhlaba isikhulile. Ngithole ukuthi intsha ilahlekelwa yisimilo nokuziphatha ngenxa yokuhlangana nabangani ababi. Abangani bagcina beyikho konke enganeni, ikhohlwe iziyayo zasekhaya,” usho kanje.
UNkk Shazi-Hlongwane owashonelwa ngunina eneminyaka engu-13, uthi wasibona isikhala sokuba nozomeluleka ambonise nempilo okuyingakho eziqonda izinkinga zentsha.
Wakhulela KwaMashu wabuye wahlala eNanda Mission. Ushadile wabusiswa ngezingane ezimbili. Usebenzisane nemisakazo okubalwa iMbokodo FM, Inanda FM neDivine FM anohlelo kuyo. Wasebenza emaphaphendabeni amaningi ngaphansi kwezokukhangisa njengoba eneziqu zobuntatheli azithola ePretoria Technikon.