UDJ Fresh ongazwakali emsakazweni kulezi nsuku. Isithombe: Nokuthula Mbatha
UMKHULUMELI weSABC, uMnuz Kaizer Kganyago, uthi ukube kunenkinga phakathi kweSABC nesilomo somsakazi weMetro FM, ngabe useyazi.

Lokhu ukusho ngesikhathi ebuzwa yileli phephandaba ngokungazwakali kukaDJ Fresh ohlelweni lwakhe. UFresh, ojoyine iMetro ngo-Ephreli wethula iFresh Breakfast Show ngo-5 kuya ku-8 ekuseni phakathi nesonto. Selokhu liqalile isonto akazwakali emoyeni. 

Kunalokho uhlelo lwakhe lubanjwe nguMo G owenza uhlelo iThe Weekender ngoMgqibelo ngo-6 kuya ku-10 ekuseni neSunday Night Love ngeSonto ngo-6 kuya ku-9 ebusuku kanti ubambisene no-Angie Khumalo, Somizi Mhlongo noMpho Maboi. 

Ukungabi khona kukaFresh sekwenze abanye abalandeli bakhe badlulisa ukungenami kwabo ezinkundleni zokuxhumana.

U-‏ @_ManDi_B  ubhale kuTwitter ukuthi: “IFresh Breakfast iyabheda ngaphandle kukaDJ Fresh.”

[email protected] ubuze ukuthi “ukuphi uDJ Fresh vele”.

U-‏ @fifimoeng uthi engamane afe kunokulalela uMoG.

UKganyago uthe kujwayelekile ukuthi abantu bahlabe ikhefu futhi akazi ukuthi uFresh ukuphi.
“Angitshelwa nsuku zonke ukuthi kwenzakalani. Kunabasebenzi abangu-3 800. Uma ngingatshelwa ngabo ngeke ngibe nampilo,” kusho uKganyago.

Ugcizelele ukuthi ukube kunenkinga ngabe utsheliwe. Uthe noXolani Gwala akekho emoyeni kulezi zinsuku kwi-702,  ukukhombisa ukuthi yinto eyejwayelekile.

UXolani kubikwe ukuthi unokugula okuthize asafuna ukubhekana nakho.

Imizamo yokuthola uDJ Fresh ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa futhi nomyalezo athunyelelwe wona akawuphendulanga.
UKganyago uveze nokuthi udaba lukaCriselda Dudumashe alukakaphothulwa nokuyingakho engakabuyeli ohlelweni lwakhe kuMetro.

UDJ Fresh owethula iThe Fresh Breakfast kuMetro FM, Selokhu kuqale isonto akazwakali emoyeni