ABANTU baseShowe bamfuna ejezile umkhwenyane osolwa ngokudubula abasekhweni egcagcelwa.
Amalungu omphakathi waseGcininhliziyo, eShowe, asezwakalise ilaka lwawo ngokubulawa kukaDelani Kwanele Mabaso (18) okuthiwa udutshulwe wafa ngumyeni womzala wakhe obeshadelwa ngempelasonto edlule. Ngesikhathi edubula kulimale noMnuz Mthandeni Shange (30) ongumfowabo kamakoti.
Lokhu kuthiwa kwenzeke ngeSonto ngesikhathi kusaqhubeka umcimbi womshado kade kushadwa ngayizolo.
Kuthiwa kusuke ingxabano phakathi kwabafana bakubo kamakoti nabafana abangomakhelwane bomkhwenyawabo.
Umkhwenyawabo ube esekhipha isibhamu wadubula uDelani nomlamu wakhe.
Izolo Isolezwe livakashele
eShowe liyoxoxa namalungu omphakathi.
Yize amalungu omphakathi efike ngezinkani aqale angakhululeka ukuthi akhulume.
Elinye ilungu lomphakathi elicele ukuthi igama lalo ligodlwe lithe sibashiye beshaqekile isenzo sokudutshulwa kwabantu.
“Lo mfana bengimazi. Angiqondi ukuthi yini le eyenze ukuthi aqoke ukuphatha isikhali ebe eshadelwa.
Okubuhlungu wukuthi useqede ikusasa lengane ebisazokhula,” kusho ilungu lomphakathi.
Amalungu omphakathi athe afisa engathi angagcinwa esitokisini bese enikwa isigwebo esinzimqala umsolwa.
Bahinde bakhala ngokuthi sekuvamile ukuthi kube nezehlo zodlame uma kunemicimbi.
Ikhansela lakuward 8, uMnuz Wiseman Mzimela, uthe sekuvamile ukuthi kuliwe emcimbini.
“Sesifisa sengathi imicimbi ingagadwa amaphoyisa ngoba kuvame ukuthi kube nezingxabano eziholela ekutheni kulimale abantu.,” kusho uMzimela.
Esinye sezehlo kube ngesokubulawa kwendoda yaseShowe ebulawe ngabanye emcimbini owawuseNkandla, indawo ehlukaniswe wumfula neShowe.
Uyise kaShange ophinde abe nguyise omdala kamakoti, uMnuz Bhekuyise Shange, uthe abafana ababesuse uthuthuva emshadweni babesuse uthuthuva komunye umcimbi bashaywa ngabafana bakubo bamakoti.
Uthe kungenzeka ukuthi bebevele behlele ukuziphindiselela emcimbini njengoba kugcine sekuliwa.
Uthe bayafisa engathi imicimbi ingaqashwa ngamaphoyisa ngoba intsha isiyisebenzisela ukuchukuluzana.
Uthe babengalindele ukuthi umkhwenyana angasebenzisa isibhamu.
“Ingane yami wayidubula phambi kwami. Ufana nomuntu owayengibulala ngibe ngizomlethela umakoti,” kusho uyise omdala kamakoti.
UNkk Ntombikayise Qwabe, ongubabekazi kaDelani, uthe bafuna agcinwe angayitholi nebheyili umsolwa.
Uthe akazange akhombise ukuzisola noma esemlimaze ngoba akamdubulanga kanye kodwa wadubula ephindelela.