AHLUKENE amalunga omphakathi waseLamontville ngodaba lebamba likathishanhloko okuthiwa liyachela esikoleni njengoba abanye befuna libuyile abanye balichitha.
Idlanzana labazali livuke ekuseni lakhiya amasango esikole iLamontville High izolo, ngenhloso yokuzwakalisa ilaka ngesenzo sothisha nesigungu esengamele ukuphathwa kwesikole sokukhipha inyumbazane leli bamba ngoba belisola ngokuthakatha nokuba nesandla
esiqinile.
Ithimba leSolezwe lifike kulesi sikole, kusekhona idlanzana lomphakathi kodwa ukufunda nokufundisa kuqhubeka.
UMnuz Nkululeko Mtambo obeyingxenye yedlanzana okuthiwa likhiye isikole elizibiza ngeqembu elikhathazekile, uthe okwenziwa ngothisha kuyabacasula ngoba kuphazamisa ukufunda.
“UMnyango wezeMfundo usaphenya ngalezi zinsolo zokuthakatha ezibhekiswe kuthishomkhulu. Asikwazi ukuvumela othisha bangafundisi ngoba bethi abakwazi ukufundisa uma kusekhona uthishomkhulu,” kusho uMtambo.
Uthe kuyabagculisa ukusebenza kwebamba ngoba nemiphumela kamatikuletsheni selokhu afika ingcono.
USihlalo wesigungu esengamele ukuphathwa kwesikole, uMnuz Bongizwi Ngcobo, uthe abebevale isikole akusibona abazali yidlanzana labangani bakaMngadi.
“UM... uyathakatha, uhlukumeza othisha. Othisha sebenqume ukuthi uma ekhona bangafundisi. Siwubhalele umnyango kodwa awuphenduli,” kusho uNgcobo.
Uthe sebeke bashintsha ukhiye wehhovisi lakhe kodwa wafika nomhloli bagqekeza. Uthe ukufunda kuphazanyiswa yibambai ngoba uma likhona othisha baduba amakilasi. Ukuphikile ukuthi isikole sinemiphumela emihle ngenxa yebamba.