INQWABA yabantu abakipitile, ngisho izikhulu eziphezulu ezinemali zikipitile. Lawa ngamazwi esazi samasiko uDkt Nomagugu Ngobese esiveze ukuthi baningi abakipitile noma abahlalisene, kodwa bengazi, uxoxe noS’MANGELE ZUMA
Uthe umuntu okipitile akusiye osuka ekhaya ayohlala nesoka bengashadile, kodwa ngisho abashadele esontweni, ababhale emahhovisi oMnyango wezaseKhaya nengoduso esalotsholwa nabo basuke bekipitile uma behlala nabakhwenyana ngaphambi komshado wesintu.
“Kudala kwakuthi intombi uma ibalekele kubo kwesoka, umndeni usuke uyolobola. Umuntu uyakhangulwa akhishwe ngendlela ekhaya, atshelwe ukuthi useyokwakha umuzi. Uma esefika kuloyo muzi ayoganela kuwo bamemukela ngenyongo abikwe edlozini.
“Umkipito ubhebhethekisa ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane. Emqashweni nasemixhasweni lapho enisuke nihlala khona idlozi lisuke lingekho. Idlozi alisho ngomlomo, kodwa liziveza ngezenzo, ubone umuntu esegwazwa noma edutshulwa ngoba vele usuke engavikelekile,” kusho uDkt Ngobese.
Uthe noma kukhona ukuthula emkipitweni kuba okwesikhashana ngoba asuke engahlanganiswanga amathongo akubo kwantombi nesoka.
“Abantu abakipitayo yilaba ababaleka emakhaya ngoba bengafuni ukuphathwa. Wona lowo muzi uzowuphatha kanjani engafuni ukuphathwa? Le nto igcina isihlupha nezingane ngoba nazo zisuke zingabikwanga edlozini lakubo. Umcelo nokulotsholwa akukunikezi igunya lokuthi uhlale nomkhwenyana. Incwadi yomshado ekhishwa ngabefundisi ayihlangene nomshado wesintu, ngakho labo abanezincwadi nabo bakipitile. Ababhale enkantolo nabo bakipitile,” kusho uDkt Ngobese.
Uthe umembeso akusiwo umshado wesintu, ngakho umuntu angazikhohlisi athi ngoba wembeswa useshadile.
“Ngisho izikhulu eziphezulu nazo zikipitile ngoba zijaha imishado emhlophe kuqala. Lowo mshado awuthi shu, yinto yokubukwa njekuphela. Umuntu aqholoshe ukuthi ushadile ebe engabikwanga edlozini lasemzini wakhe,” kuqhuba uDkt Ngobese.
Owesifazane (28) okipite kwaBester ocele ukungadalulwa ngoba kubo eMtubatuba abazi ukuthi ukipitile, uthe ukuhlala nomuntu wesilisa kumenza azizwe evikelekile.
“Ngesikhathi ngihlala ngedwa bengigqekezelwa kakhulu. Sabona kungcono sihlale ndawonye ukuze sibambisane njengoba sobabili sibamba amatoho. Unaso isifiso sokuyovela ekhaya inkinga akakawutholi umsebenzi ongcono,” kusho lo wesifazane.
UNksz Nomkhosi Zondi (42) uthe yena useqoke ukuzihlalela yedwa nezingane zakhe ezimbili.
“Ngikipite ngadela, akungisizanga ngalutho. Besengifuna ukuzimela, ngibe nezinto zami engingazihlanganele namuntu. Amadoda ayaxhaphazana bese ekushiye kanjalo uma azi ukuthi akakukhiphelanga lutho,” kusho uNksz Zondi.
Owesilisa waseMlaza uthe uyakweshwama lokhu kokuthi ukipitile uma ehleli nengoduso yakhe.
“Ngabona kungcono ukuthi ngiyocela kubo kwentombi yami ngoba ngisaba ihlazo lokukipita. Ngangenzela ukuthi abone ukuthi angidlali ngaye, ukuthi amandla okumshada angikabi nawo,” kusho lo mlisa.
Isazi somnotho uSolwazi Bonke Dumisa uthe abaningi baqoka ukukipita ngoba bethi kunciphisa izindleko.
“Kuyazinciphisa uma nizohlukaniselana zona. Abanye bathi basaba umshado ngoba uyizindleko kanti eminingi igcina ngokuchitheka. Abantu abaqaphele kodwa uma bekipitile ukuthi abagcini bexhaphazeka njengoba uthola ukuthi kukhona ogcina ekhokha kakhulu kunomunye.
Abanye uthole ukuthi kuthiwa akakhokhele ama-rates nogesi wendlu okungesiyo eyakhe okuthi uma sebehlukana isale ngakomunye. Kubalulekile ukuthi izinto ezinkulu osuke ozithengile nihlala ndawonye uzibhale phansi ukuze ukwazi ukuzithatha uma senihlukana,” kusho uDumisa.
* Isazi sezobudlelwane uNksz Nokuzola Dudeni sithe buningi ububi kunobuhle emkipitweni.
Ubuhle:
* Uthola ithuba lokwazi kabanzi ngomuntu wakho ngaphambi kokuthatha isinqumo sokubopha ifindo likasofa silahlane.
Ububi:
* Abantu abasindisiwe bathandana isikhathi esincane mase beyashada kodwa uthole ukuthi abazani, okudala kuqhume idivosi.
* Uma senihlukana awuphumi nalutho ngaphandle uma unencwadi yesivumelwano
*Ubuhlungu obuzwiwa ingane enabazali abakipitile uma sebehlukene buyafana nalobu obuzwiwa ingane esuke inabazali abadivosile.
* Uchitha isikhathi sakho, amandla, umzimba wakho kumuntu ongakushiya noma yinini okuyizinto ongeke ukwazi ukuphinde uzithole uma senihlukana.