BEKUKIKIZWA namakhorasi edla lubi abesifazane abathandana nabanobobulili obufanayo, abangabangani abane, abasonta ndawonye beshada kanyekanye.
Emshadweni obuyindumezulu eDiakonia Centre, eThekwini, ngoMgqibelo, izitabane beziphume ngobuningi ukuzohalalisela abashadayo. Bekushada uThabile Makhanya (30) noLunga Sithole (35), uNontobeko Dladla (23) noEnhle Xulu (34). Bathe bonke sebethandane iminyaka emine futhi bangabangani bokuqina. Umshado wabo bawubhalise eMnyangweni wezaKhaya phakathi nesonto, bagcwalisa ngomhlophe ngoMgqibelo.
“Sisaqala ukuthandana abazali bebengayizwa kahle le ndaba. Bagcine bevumile ukuthi sishade ngoba babonile ukuthi sithandana ngempela. Siqale ngalo mshado omhlophe, owesintu usazolandela,” kusho uThabile.
UNontobeko uthe abazali kumele bamukele ukuthi badalwe ngale ndlela, akumele banqatshelwe uma befuna ukushada. Uthe ulobole waqeda, basazokwenza umshado wesintu.
UMfundisi Thandeka Mteshane weGod’s Presence Ministries of Faith, utshele abebeshada ukuthi bangabanaki abazobagxeka.
“Basazonikhuluma, babuze nokuthi abazali bawubusise kanjani umshado onje. Ngiyabonga bazali nenze kahle nabusisa umshado.,” kusho umfundisi.
Ukhwele wadilika kwabagxeka izitabane, wathi bayahlulela. Uthe isonto elabo bonke abantu.
“Kungcono nina niphumele obala kunalaba abazifihlile. Ninganqeni ukuthatha amaBhayibheli niye kodumisa. Kukhona abayoba nenkinga baphuthwe ukungena izulu ngoba bebona abanye bethu phakathi. Bayojika endleleni bethi akukhona ezulwini. Bayekeni banehlulele kodwa uJesu usazobahlulela,” kugcizelela uMfundisi Mteshane.
UNksz Zanele Mkhize obenguMatron of Honour futhi obebaboleke nezingubo zomshado, uthe abebeshada bebehlele ukugqoka amasudi bonke.
“Ngibacebise ukuthi bagqoke izingubo ezimhlophe ukuze kuphelele. Ngikhulume nomakoti kuphela, “abakhwenyana” bengazi ngezinhlelo zabo zengubo emhlophe, yingakho bevele bakhala sebezibona,” kusho uNksz Mkhize.