UMMELI wasePhalamende ekhombisa ukuthi abalwe onke amavoti ngoLwesibili
I-ANC ePhalamende ifuna achaze ngokulova kwawo amalungu abelove ngesikhathi kuvotelwa ukungabethembi ubuholi bukaMengameli Jacob Zuma okwenziwe ngevoti eliyimfihlo ngoLwesibili ntambama.

Le nhlangano ithe idumele ngamalungu avote namaqembu aphikisayo yathi izozinika isikhathi inqume ukuthi yikuphi ezokwenza.

Okhulumela ikhokhasi ye-ANC ePhalamende, uNksz Nonceba Mhlauli, uthe amalungu awezanga futhi awazange abike.

“Amalungu azobizwa azophendula ngokuthi abekuphi. Sidumele futhi ngamalungu angaphezulu kuka-25 avote namaqembu aphikisayo,” kusho uNksz Mhlauli.

Yize engawagagulanga ngamagama kodwa iPhini likaNgqongqoshe wezeMfundo ephakeme, uMnuz Mduduzi Manana, usebantwini abebengekho.

Omunye obengekho nguNkk Winnie Madikizela-Mandela okuthiwa uselivini yokugula. USihlalo wekomiti lemfundo eyisiSekelo, uNkk Nomalungelo Gina, naye usesibhedlela njengoba esanda kulimala engozini yemoto.

UNksz Mhlauli uthe i-ANC yawina ngo-62% okhethweni lwango-2014 ngakho ngeke isuswe amaqembu aphikisayo.

Uthe badumele ngokuthi kunamalungu avumele ukusetshenziswa amaqembu aphikisayo.

Ukhulume nangohlu olusabalele lwamalungu okuthiwa avote namaqembu aphikisayo.

“Kulolu luhlu kukhona noMnuz Thabo Manyoni okade ahamba ePhalamende negama likaSotswebhu uMnuz Jackson Mthembu. Sisamile ekutheni kumele kube nekhomishini ezophenya izinsolo zokulawulwa kombuso yidlanzana.”

Khonamanjalo, iCosatu neSACP banxuse i-ANC ukuthi ingabathatheli izinyathelo abavote namaqembu aphikisayo.

Ibamba lokhulumela i-SACP, uMnuz Mhlekwa Nxumalo, lithe kumele i-ANC ibumbane kunokuthi kubhekwe abavote namaqembu aphikisayo.

UMengameli weCosatu, uMnuz S’dumo Dlamini, uxwayise ngokuthi akungajahwa abangavotanga.

“Akumele kusetshenziswe imizwa kulolu daba kodwa akubhekwane nenkinga yokuthi alukho ubumbano. Kumele kulungiswe lokho.”

Uthe ukuba uZuma ukhishwe ngevoti bekuzoba nenhlekelele ezweni.

“Siyajabula ngoba basindise umzabalazo. Sekulele kwi-ANC namadlelandawonye ukubhekana nendaba kaZuma nekusasa likaKhongolose,” kusho uDlamini.