UMHOLI we-EFF uMnuz Julius Malema ofake icala eNkantolo yoMthethosisekelo njengoba efuna kujeziswe uMengameli Jacob Zuma ngokungaziphathi kahle
ISAZI somthetho ezindabeni ezithinta uMthethosisekelo uMnuz Lawson Naidoo, sithi icala elifakwe i-EFF eNkantolo yoMthethosisekelo elizolalelwa ngoSepthemba 5, ngumzuliswano wokugcina wamaqembu aphikisayo empini yawo yokukhipha esikhundleni uMengameli Jacob Zuma.

Engxoxweni neSolezwe izolo, uNaidoo uthe zimbili izigaba ezikhona kuMthethosisekelo zokukhipha umengameli esikhundleni, isiphakamiso sokungabuthembi ubuholi bakhe nokuthi ajeziselwe ukuphula isifungo sehhovisi.

“Isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukamengameli sesenziwe kaningi sihluleka manje, sekusele ukuba azanywe ngokuthi ajeziselwe ukuphula isifungo sehhovisi njengoba kwenza i-EFF,” kusho uNaidoo.

Uthe balindele ukuthi inkantolo ikhiphe isinqumo esifanayo nesesiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukamengameli lapho yathi uSomlomo uNksz Baleka Mbete nguyena okumele anqume ukuthi kuzovotwa kanjani.

Uthe izinkantolo azifuni ukubonakala sengathi ziyagxambukela ezindabeni zokulawulwa kwezwe.

I-EFF iyise enkantolo uNksz Mbete ngokwehluleka ukujezisa uZuma ngodaba lwaseNkandla.

Okhulumela i-EFF kuzwelonke uMnuz Mbuyiseni Ndlozi, uthe ngeke baze baphumule bengakayinqobi impi yokuchitha uZuma.

I-EFF ithi uZuma waphula isifungo sehhovisi odabeni lwaseNkandla ngokwenqaba ukulalela umyalelo kalowo owayenguMvikeli woMphakathi * -Advocate Thuli Madonsela wokuba akhokhe ingxenye ethile yemali eyasetshenziswa ezintweni ezingahlangene nezokuphepha emzini wakhe.

UNdlozi uthe uZuma ukhombise kaningi ukuthi akakulungele ukuba wumengameli wezwe.

Izolo nomholi weDA uMnuz Mmusi Maimane uthe bayaliseka icala elifakwe i-EFF.

Izolo uveze ukuthi bazofaka isiphakamiso sokuba kuhlakazwe ikhabhinethi kuphinde kube nokhetho ngaphambi kwesikhathi esilindelekile.

Nomholi we-UDM uGeneral Bantu Holomisa, uthe bayayiseka i-EFF.