Ngemuva kokuhluleka ukuchitha umengameli Jacob Zuma ngevoti eliyimfihlo, iDA isifake isicelo sokuthi lihlakazwe iPhalamende ukuze kuphuthunyiswe ukhetho lukazwelonke oluyoze lube ngo-2019.
Umholi weDA, uMnuz Mmusi Maimane ngoLwesithathu uthe ukuhlakazwa kwePhalamende iyona ndlela engavumela abantu bakuleli ukuthi bazwakalise imibono yabo yangampela ngobuholi buka Zuma.
Ukhetho lukazwelonke luyoze lube ngo-2019, kanti okwamanje akukacaci ukuthi iDA izophumelela yini kwisicelo sayo. IDA ithe izofaka lesi sicelo ngoLwesine futhi ifuna sidingidwe ePhalamende maduze.
UMaimane umemezele lokhu kulandela ukuhluleka kwamaqembu aphikisayo ukuchitha uZuma ngoLwesibili ngevoti eliyimfihlo lokungabethembi ubuholi bakhe.
Ngesikhathi uSomlomo wePhalamende uNkk Baleka Mbete ememezela imiphumela kuvele ukuthi bangu 177 abavotele ukuthi asuswe esikhundleni, abangu 198 bavotela ukuthi aqhubeke ahole. Abangu 9 abavotanga.
UMaimane uthe kuzodingeka lihlakazwe iPhalamende ukuze kukhishwe uhulumeni ongekho emthethweni.
"IDA ithathe isinqumo ilandela umthetho kaSection 50 ngokomethethosisekelo, ukuthi ifake isicelo sokuthi kuhlakazwe iPhalamende, kubizwe ukhetho lukazwelonke ngokushesha," kusho uMaimane.
"USection 50 uthi umengameli kumele alihlakaze iphalamende uma lamukela isicelo sokuthi lihlakazwe futhi kunevoti elikwesekayo lokho elivela kumalungu ePhalamende ngemuva kweminyaka emithathu kubekwe amalungu alo,"
Politics and Development Bureau