IKHEHLA elineminyaka engu-76 lakwaNqetho eHillcrest, likhalelwe ngamasongo kaSigonyela namhlanje ekuseni ngemuva kokudubula amaphoyisa abezoliphenya.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, leli khehla elisagodliwe igama lalo livele ladedela intululwane yezinhlamvu ngesikhathi amaphoyisa esazethula kulo.
“Amaphoyisa abethungatha umuntu osolwa ngokubulala. Athe esathi ayazethula kule ndoda yavele yadubula ibhekise emaphoyiseni maqede yabaleka.”
Uthe kulesi sigameko kulimale iphoyisa eligcine liphuthunyiswe esibhedlela kukubi.
“Kuvulwe icala lokuzama ukubulala. Umsolwa ubefunelwa icala lokubulawa kukaMnuz Sibusiso Bhengu (32) okusolwa ukuthi washaywa, waboshelwa ngemuva evenini maqede wahudulwa ngayo. Wabe esephuthunyiswa esibhedlela lapho afike washonela khona.”
Yize ebengasaphelele, amaphoyisa aqhubekile nokuthungatha umsolwa, aze amthola ngemuva kokudubulana nawo.
“Le ndoda utholwe nesibhamu sohlobo
lwe-9 mm okukholakala ukuthi sisetshenziswe ngesikhathi idubula nezinhlamvu eziwu 37. Izobekwa icala lokubulala, elokuzama ukubulala, elokutholakala nesibhamu nezinhlamvu.
Uzovela eNkantolo yeMantshi yasePinetown khona maduze.
UKhomishana wamaPhoyisa
KwaZulu-Natal uMajor General Bheki Langa uwatuse kakhulu amaphoyisa ngokusebenza ngokuzikhandla ukuze kuboshwe umsolwa.
Kwenzeka lesi sehlakalo nje, amaphoyisa aseHillcrest aphinde abopha abalisa abane ngamacala ahlukahlukene okubalwa kuwo elokushaya ngenhloso yokulimaza.
Abasolwa ababoshiwe bayiswe esiteshini samaphoyisa eHillcrest ukuze bayotoka bese bebekwa amacala ngaphambi kokuvela eNkantolo yeMantshi ePinetown ngoMsombuluko.
Khonamanjalo nasehostela eGlebe kuboshwe abasolwa
abawu-40 izolo ngokuthinteka ohideni lwamacala okukhona
kuwo nelokuzama ukubulala, ukusabisa umphakathi, ukushaya ngenhloso yokulimaza, ukulimaza impahla, ukudayisa utshwala ngaphandle kwemvume, ukubhadanywa nezidakanyiswa nokutholakala
nezibhamu ezingekho emthethweni.
Ingxenye yababoshiwe izovela eNkantolo
yeMantshi eThekwini ngoMsombuluko.