UCONSTABLE Sthabile Mpanza obulawe yisoka lakhe nalo lazidubula lafa
KUBATSHWAZWA isihluku sephoyisa laseJozini elidubule intombi yalo abasebenza nayo ngenqwaba yezinhlamvu emgaqweni nalo lazingqokloza ngenhlamvu.

UConstable Sthabiso Thobile Mpanza (22) kuthiwa udutshulwe yisoka lakhe uConstable Sfiso “Aya” Sibiya (28), naye ogcine ngokuzidubula ekhanda ngoLwesibili ebusuku.

Izidumbu zamaphoyisa abesebenza esiteshini saseJozini zitholwe zidindilizile emgaqweni eduze nesiteshi abebesebenza kuso.

Abazibonele bakhale ngokuthi udubule intombi yakhe noma isilele phansi.

Womabili amaphoyisa abengekho emsebenzini ngesikhathi kwenzeka lokhu.

Isoka likaMpanza kuthiwa lifike endlini aqashe kuyo.

Ngemuva kwemizuzwane bephumile endlini aqashe kuyo eseliphelezela kuzwakale ukuqhuma kwesibhamu emgwaqweni.

Kuthiwa uMpanza wale isoka lakhe ngemuva kwengxabano kodwa langakwamukela lokho.

Uyisemkhulu kaMpanza, uMnuz Banzi Buthelezi, uthe bashaqekile ngoba bebengazi nokuthi useqomile umufi.

“Siphithene amakhanda ngoba kwalo mfana okuthiwa uthandana naye kasimazi thina.

“Okusiphatha kabi kakhulu wukuthi ingane yethu sizwa kuthiwa ibihlala ngokuhlukumezeka, ishaywa. Okwenza kube buhlungu kakhulu wukuthi kule nyanga yabesifazane ingane yethu ibulawe umuntu owazi umthetho nobekumele ayivikele,” kusho uButhelezi.

UButhelezi uthe noma engasazi isizathu esiholele ekufeni kwengane yabo kodwa bathole ukuthi ibisilalile isoka layo.

Uthe okuningi nabo abanalo ulwazi ngakho ngoba nesoka lishonile.

Ngaphambi kokuthi kwenzeke lokhu uButhelezi uthe umasitende walapho bekuhlala khona ingane yabo ubatshele ukuthi isoka lifike laphihliza yonke impahla ebiphakathi endlini.

UConstable Mpanza kuthiwa uqale ukusebenza eJozini ngoMashi nyakenye.

Umndeni uthe bekukuningi abebesakubheke kuye.

Umfowabo wesoka, uMnuz Khulekani Sibiya, uthe nabo basamangele ngokwenzekile.

“Akukho engingakuphawula ngoba akukho esikwaziyo njengomndeni. Asazi noma bebethandana, asazi lutho ngempela ngalento,” kusho uSibiya.

USibiya kuthiwa uneminyaka ecela kweyisikhombisa esebenza kulo mbutho. Linezingane ezimbili, alishadelwe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe bavule amacala amabili - elokubulala nedokodo ngokushona komuntu.