ISILO samabandla, uGoodwill Zwelithini, sizwakalise ukungenami ngokushintshwa kwegama elithi Radio Zulu kwathiwa wuKhozi FM.
Sikhuluma ngesikhathi sigubha usuku lokuzalwa esigodlweni KwaLinduzulu, KwaNongoma, izolo ezintatha, iSilo sithe asazi ngempela ukuthi kwakwenzenjani kuze kushintshwa igama.
“Kuzomele ixoxwe le ndaba ngithole ukuthi kwakwenzenjani kuze kuthiwa alishintshwe igama ngoba isizwe samaZulu sisekhona kanti neSilo sawo sikhona,” kusho Ongangezwe lakhe.
Sithe iRadio Zulu yaqala ukusakaza bukhoma ngasekuqaleni kweminyaka yama-70s ngesikhathi sisanda kugcotshwa njengeSilo.
“Njengoba namanje ngikhuluma lapha inkulumo yami iyasakazwa bukhoma ibukwa umhlaba wonke, le nto yokusakaza bukhoma yaqala ngesikhathi seRadio Zulu,” kusho iMbube.
UKhozi FM lubalwa nemisakazo emikhulu emhlabeni kanti lulalelwa yizigidi zabalaleli.
Lo msakazo usakaza ngolimi lwesiZulu olukhulunywa kakhulu kwelikaMthaniya.
Bekungesikho okokuqala kushintshwa kwegama lalo msakazo njengoba kuqala kwakuthiwa yiRadio Bantu ngaphambi kokuba ubizwe ngeRadio Zulu.
IMbube iphinde yathi uhulumeni kumele uphathe izwe ngendlela.
“Kubuhlungu ukuphathwa ngabantu abangakwazi ukuphatha, ngiphonsela osopolitiki inselelo ngithi ababuse ngendlela efanele ngoba siyonquma thina ngelinye ilanga singuZulu sithi siyabaphuca ivoti lethu, kuyoba buhlungu uma sesenza njalo.”
Ithe njengoba izwe lidunguzela kungathi aliphathekile kahle yingenxa yosopolitiki abaxabene abasuka lapha eKZN.
Siqhube ngokuthi akumele kube khona isifundazwe esizenza ungqoshishilizi kunezinye izifundazwe.
“Akungabikhona isifundazwe esizenza ungqaphambili okomqado wethole,” kusho iMbube.
IMbube iphawule kanje nje, iKwaZulu-Natal iqale umkhankaso wokuhambela ezinye izifundazwe njengoba kuyiwa engqungqutheleni yokukhetha ubuholi obusha kuKhongolose ezokuba ngoDisemba.
Ubuholi be-ANC esifundazweni buhambele eMpumalanga bathembisa ukuthi buzophinde buhambele ezinye izifundazwe ngenhloso yokunxenxa ubumbano embuthweni.
I-KZN yisona sifundazwe esikhulu kunazo zonke kwi-ANC ngokwezibalo zamagatsha.