AMAGATSHA e-ANC kulindeleke ukuthi abe nemihlangano yokuqoka abaholi abazongenela ukhetho lokwengamela i-ANC oluzoba seGoli ngoDisemba.
Amagatsha asecwaningiwe nguNobhala Jikelele we-ANC onqume ukuthi angu-870 amagatsha azovunyelwa ukuthi athumele izithunywa engqungqutheleni yangoDisemba.
Lawo magatsha avela ezifundeni ezingu-11 zaKwaZulu-Natal.
UNobhalala we-ANC KwaZulu Natal uMnuz Super Zuma uthe isibalo sezithunywa eziyiswa engqugqutheleni siya ngokuthi igatsha linamalungu angakanani, wenza isibonelo ngokuthi elinamalungu angu-100 kusho ukuthi lizothumela isithunywa esisodwa.
"Amagatsha anamalungu angaphansi kuka-100 nalawo anobuholi osebuphelelwe yisikhathi ngeke akwazi ukukhetha ubuholi ngempelasonto," kusho uZuma.
Uthe amagatsha anikwe kuze kuphele inyanga ukuthi abe nemihlangano.
Isazi sepolitiki uMnuz Lukhona Mnguni uthe imihlangano yamagatsha izodala ukuxokozela KwaZulu-Natal ngenxa yoqhekeko olungaphakathi kwi-ANC.