SIMUNCU isimo komakhelwane baKwaNdengezi ngemuva kokushona koyedwa ngesikhathi bethelekelwa wumphakathi obubasola ngokuthi bantshontshe ingane, ePinetown ngoLwesibili.
Umndeni kaMnuz Mlungisi Nxumalo oshonile kuthiwa awaneliseki ngencazelo otshelwa yona wumngani wakhe, onguyise wengane obekuthiwa intshontshiwe.
Kulesi sehlakalo kushone uNxumalo nomunye wesilisa okungakaziwa ukuthi ungubani, obethi uzama ukulamula isixuku ebesihlasela uNxumalo noyise wengane. UNxumalo ushonele endaweni yesigameko kwathi uyise wengane abebesolwa naye wasinda.
Kuthiwa umufi ubehlezi emotweni nendodana yomngani wakhe eneminyaka ewu-11 ngesikhathi behlaselwa yiqulu labadayisa ezitaladini abebethi untshontshe lo mfana. Uyise walo mfana ubesayothenga ukudla.
Akucaci ukuthi yini eholele ekutheni umphakathi ubasole ngokuthi bantshontshe ingane. Uyise walo mfana uphume esitolo imoto yakhe isibheke phezulu, isivulwe ibhuthi kuthiwa kubhekwa izicubu zabantu.
Naye uthelekelwe ngabantu abebediniwe bembiza ngobaba mbumbulu wengane odayisa ngezicubu zengane yakhe.
Leli phephandaba likhulume nonina wengane obekuthiwa intshontshiwe ngenxa yokuthi umyeni wakhe akasenayo iselula uphucwe zonke izinto abeziphethe ngesikhathi behlaselwa, ngoLwesibili.
Izolo uthe usahambe nomndeni kamufi obusafuna ukuthola iqiniso ngokwenzekile. Unina walo mfundi ofunda uGrade 4 kwesinye sezikole KwaNdengezi uthe naye akakwazi ukuphendula eminye imibuzo ebuzwa yizihlobo zikaNxumalo.
“Angazi ukuthi yini eholele ukuthi umyeni wami noNxumalo basolwe ngokuthi bantshontshe * ... ( esho igama lengane). Ngesikhathi kuqala inxushunxushu emotweni bekukhona * (esho ingane) nomufi. Ingane ithukile, ayikhulumi kusuka izolo (ngoLwesithathu), uNxumalo ushonile akekho osilandisayo ukuthi indaba isuke kanjani,” kusho yena.
Uthe umyeni wakhe obesemsebenzini washayelwa ucingo ngumuntu omtshele ukuthi indodana yabo uyibona igibela itekisi eya ePinetown, esikhundleni sokugoduka.
“Umyeni wami uphuthume ePinetown eyoyibheka ehamba noNxumalo. Kuthe uma ifika itekisi, uNxumalo waphuma wamdonsa umfana obeshesha esixukukwini. Sebesemotweni wathi ulambile, uyise wahamba wayothenga ukudla,” kusho unina wengane.
Imizamo yokuthola umndeni kamufi ayiphumelelanga, inombolo yomfowabo ibivaliwe. KuFacebook uNksz Samkeh Nyanda ozichaze njengendodakazi kamufi uthe uyise ubulawe njengenja. Ubebalisa ethi izolo bekuwusuku lokuzalwa kukayise kodwa manje sebelungiselela umngcwabo wakhe.
UKhomishana wamaphoyisa waKwaZulu-Natal osabambile, uMajor General Bheki Langa usigxekile isenzo somphakathi wathi siwubugebengu.
Kucelwa noma ngubani ongasiza amaphoyisa ngemininingwane yendoda yesibili eshonile ukuthi athinte amaphoyisa. Lo wesilisa oshonile kuthiwa uneminyaka elinganiselwa ku-40, ubegqoke i-jean e-blue neshethi eli-grey. Amaphoyisa asePinetown ayaphenya.