UBOSHWE ebhace ezihlotsheni eZinqoleni ngasePort Shepstone umlisa wesithupha osolwa ecaleni elithinta ukudliwa kwabantu eMtshezi.
Lo msolwa oneminyaka engu-25 kuthiwa uboshwe esezihlotsheni zakhe ebezizitshela ukuthi uvakashile kanti ubhacile ngoba efunelwa leli cala laseMtshezi eseliphenduke undabamlonyeni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbhele uthe amaphoyisa abelandela lo msolwa kanti atholile ukuthi ukhona, abe eseya kulo muzi abebhace kuwo, ambopha.
Uthe amaphoyisa aseZingolweni abophe umsolwa ngezithuba zo-1 ngoLwesithathu emini wabe eselandwa ngamaphoyisa aseMtshezi aphenya icala lokubulala nelokukhanda itulo lokubulala elithinta abanye abahlanu abagcinwe ezitokisini.
UColonel Mbhele uthe umsolwa uzovela enkantolo yemantshi eMtshezi ngoLwesine.
Uthe amaphoyisa asaqhubeka nophenyo lwawo ngaleli cala kanti kusalindeleke ukuthi aphinde abophe abanye abasolwa.
Kuboshwa lo msolwa nje ngoMsombuluko bekuvele abanye abahlanu okubalwa kubo izinyanga ezimbili, abasolwa ngaleli cala kanti banqume ukungasifaki isicelo sebheyili ngoba besabela ukuphepha kwabo ngenxa yokuthi amalungu omphakathi abesho ukubamba ngezandla imoto ababelethwe ngayo enkantolo efuna ukubadla luhlaza.