Isithombe Esigciniwe
OWAYEYIKHANSELA  le-ANC eMdoni udutshulwe wabulawa ngesikhathi efika emzini wakhe eMahlongwa, ngoLwesibili.

Kusolwa ukuthi  izigilamkhuba ezidubule zabulala uMnuz Ntokozo 'Lithi' Maphumulo (41) bezivele zimlindele. Ngesikhathi ehamba ngemoto emgwaqeni ongenela ekhaya zidubule zabhekisa emotweni yakhe.

Kusolwa ukuthi abasolwa badune imoto yakhe bahamba ngayo ibangana ngaphambi kokuthi balahle isidumbu sakhe. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCol Thembeka Mbhele uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala.

Uthe kusolwa ukuthi umufi  uhlaselwe ngamadoda amabili. Ngemuva kokumdubula abaleke ngayo imoto yakhe.

"Isidumbu sakhe ebesinamanxeba okudutshulwa  sitholakale eduze nasekhaya, imoto itholakale ilahliwe," kusho yena.

UCol Mbhele uthe imbangela yokubulala beyingakaziwa, kuthathwe iselula kamufi. Amaphoyisa asaphenya.

UMaphumulo uke waba yikhansela kuwadi 10 kumasipala waseMdoni ngaphambi kwalokho  wayesekomitini lesigungu esiphezulu sentsha ye-ANC kwiLower South Coast Region.

Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal , uMnuz Mdumiseni Ntuli, uthe uMaphumulo ubezikhandla ngomsebenzi wenhlangano futhi esebenza ngokwethembeka. 

"Eminyakeni eyedlule  ngesikhathi uMaphumulo eseyikhansela umuzi wakubo uke washiswa wathola nezinsongo zokuthi uzobulawa kodwa akazange ahoshe izinyawo ekusebenzeleni i-ANC. Ngeshwa akuzange kuboshwe muntu ngemuva kwalesi sigameko," kusho yena.

Uqhube wathi uMaphumulo ubengomunye wabebehamba phambili bekhankasela i-ANC ngaphanmbi kokhetho lwamakhansela obelunyakenye. 

"Ukushona kwakhe kushiye isikhala okungelula ukuthi sivalwe. Ubenza isiqiniseko sokuthi umphakathi awakhele uyathuthuka. Sicela umphakathi ongaba nolwazi ukuthi usebenzisane namaphoyisa ukuze kubanjwe izigilamkhuba," kusho yena.