ABAPHATHI bamaphoyisa kumele balusukumele udaba lokuzibulala kwamaphoyisa ngesihluku nezinkinga ezidalwa wukhwantalalala nengcindezi.
UMnuz Blessed Gwala we-IFP, usho lokhu ngemuva kokuthi uConstable Thamsanqa Silinga edubule wabulala intombi yakhe uConstable Nontuthuko Mthembu maqede wazibulala.
Izidumbu zabo zitholwe zidindilizile zinamanxeba okudutshulwa esiteshini samaphoyisa KwaDabeka, ngoLwesibili kanti kusolwa ukuthi uSilinga ubengafuni ukwamukela ukwaliwa.
UGwala uthe amaphoyisa enza umsebenzi owafakela ingcindezi enkulu.
“Ngeshwa izwe lethu linezigameko eziningi zokubulalana, udlame, izingozi zezimoto nokunye. Akekho umuntu ongamelana nalezi zimo noma ngabe uphile noma uqeqeshwe kahle kangakanani,” kusho yena.
Uthe ukuzibulala kwamaphoyisa amaningi kusuke kuhlobene nezinkinga zezothando, zomshado, ingcindezi, ukuphazamiseka emqondweni noma izinkinga zezimali.
“Uma sifuna ukuba nombutho wamaphoyisa osebenza kahle nangokuthembeka, kumele senze isiqiniseko sokuthi siyawanakekela amaphoyisa. Abaphathi bawo kumele baqhamuke nezinhlelo, zokweluleka amaphoyisa ngokomqondo, ukuze akwazi ukumelana nomsebenzi onzima wokuhlenga isizwe ebugebengwini,” kusho yena.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, uthe kunophiko olubhekene nokweluleka amaphoyisa ngokomphefumulo. Kulolu phiko uthe kunongoti abehlukene kodwa iphoyisa kumele kube yilo eliya kubo.
“Iphoyisa ebeliye lapho kunesehlo sokudubulana nokuchitheka kwegazi kuye kunconywe ukuthi liye kulabo ngoti ukuze lelulekwe. Lolu phiko luba nezigcawu zokuchazela amaphoyisa ukuthi angasizakala kanjani kulo.”