ISIKHULU esiphezulu sebhodi eliphethe izinkundla zemidlalo kuleli, iStadium Management SA, uMnuz Jacques Grobbelaar uqinisekise ukushona kwabantu ababili kwisiminyaminya eFNB Stadium ngesikhathi kutholene phezulu iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates emdlalweni weCarling Black Label Cup.
Ngemuva komdlalo uGrobbelaar ekhuluma esithangamini nabezindaba uthe sibaphathe kabi lesi sigameko.
"Siphatheke kabi ngokushona kwabantu namhlanje (ngoMgqibelo). Isiminyaminya sidalwe yisibalo esiphezulu sabantu ebesizama ukungena emasangweni umdlalo usuqalile," usho kanje.
Uthe kulesi sigameko kulimale nabanye abantu abangu 19, oyedwa wabo usesimeni esibucayi.
"Lokhu kube yishwa ngoba umdlalo ubuhlelelwe kahle, njengoba sihlale senza. Selokhe yasungulwa ngo-2011 iCarling Black Label Cup sihlale sinesibalo esiphezulu sabalandeli, kodwa asikaze sibe nezingozi ngaphambilini.
"SiyiStadium Management SA, iCarling Black Label Cup, i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs, sicela ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini elahlekelwe," kuphetha yena.
IKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates nabo badlulise amazwi enduduzo ezinkundleni zokuxhumana badalula ukuthi amaphoyisa ayaphenya.